I-Sakha Isizwe FM Ugqugquzela Intsha Ngokugcina Amasiko
1 min read

I-Sakha Isizwe FM Ugqugquzela Intsha Ngokugcina Amasiko

Intatheli: Noma Duma

I-Sakha Isizwe FM ibambe umcimbi wokugqugquzela amatshitshi nokufundisa intsha ngokubaluleka kwamasiko nokuziphatha eStable Theatre, eThekwini, mhla ziyi-11 kuNtulikazi (Julayi) 2026. Lo mcimbi ubuhlanganisa nokuklomelisa izintombi eziziphathe kahle, ezikhuthaza ukulondolozwa kwesintu.

Ngokusho komsunguli weSakha Isizwe FM, uThandeka Madlala Khathi, uhlelo luqale ngoLwesihlanu, mhla ziyi-10 kuNtulikazi 2026, lapho bekunenkambu yezintombi. Ngosuku olulandelayo, izintombi ziqhubekele eStable Theatre lapho obekuqhubeka khona umcimbi omkhulu wokuklomelisa nokukhuthaza intsha ukuba ihloniphe amasiko ayo.

Kulo mcimbi, izintombi eziningi zithole izindondo ngenxa yokuzinikela kwazo ekugcineni amasiko. Omunye wabahlomulile uMaThembi Sithole, oneminyaka engu-43 ubudala, othole umklomelo futhi waveza injabulo enkulu ngokuhlonishwa kwakhe.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yiNkosi yesizwe saseBhindle eBulwer, uNdabezitha Dlamini, ebekuyoxhasa yaphinde yagqugquzela izintombi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *