BEKUGCWELE, UMPHAKATHI UBULALA INYOKA ENKANDLA KUZOVULWA AMAHHOVIZI AWOSOMABHIZINISI ABANCANE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana
Umphakathi waseNkandla namaphethelo ubuphume ngobuningi bawo ngesikhathi uMnumzane uMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ehambisana no-MEC uMhlonishwa uM. Meyer bezovula ngokusemthethweni amaHhovisi la umphakathi uzozithuthukisa khona kwezamabhizinisi asafufusa.
uMhlonishwa u-MEC weZomsebenzi nAmasiko ukuqinisekisile ukuthi umphakathi uzihlomulele ngamahhovisi amangaka emveni kokusebenza kanzima kwengxenye kuhulumeni ukubalekelela ukwakhiweni kwawo. Lokhu okuvele ezoba usizo kakhulu, bheka ngoba anayo yonke insizakusebenza edingekayo, sibala ifenisha, aircon, amakhompyutha nokunye okuningi. Uthembisile nokuthi bazoqhubeka nokusebenzisana nomphakathi ukugcina amaHhovisi esemgangathweni esebenza kahle.

uNdunankulu yena uveze ebongela umphakathi wangakubo la eke waba i-Mayor khona ukuthi lokhu kuzimisela kwabo ikhona okubenze baba abokuqala kulesi sifundazwe ukuzihlomulela ngamahhovisi amahle namaningi kanje. Lokhu kuzokwandisa amathuba emisebenzi kulabo abasebasha abadinga imisebenzi. Ugadle kwezwela kubaholi abake babasemandleni bangawusiza ngalutho umphakathi, ebuza ukuthi uma uke wanikwa ithuba lokuhola wahluleka, wangawusizi ngalutho umphakathi, yini enye osongayenza ngoba nakhu ushintshe isikibha nje? Wazibalula izinto ezinhle umphakathi awenzela zona eseyi-Mayor. Nakuba engundunankulu wesifundazwe, iwona umphakathi owabhidlanga uthi makenyuselwe emandleni.
Ugcine ngokubongela umphakathi nezinduna ngezinto ezihlonyuliwe kulolu suku, kungabi ngamahhovisi kuphela. Abezolimo banikele ngogandaganda nezithombo. Ugandaganda iwona ozolimela WONKE umuntu amagxathu alinganiselwa ku-0,5 ububanzi nobude kumuntu ngamunye, futhi lokho kobe kwenziwa mahhala.
