IThala libungaza abantu besifazane abaku construction
1 min read

IThala libungaza abantu besifazane abaku construction

Intatheli: Norma Duma

IThala Development Finance Corporation (IDFC) ibambe ingqungquthela yokucijisa abantu besifazane abase mkhakheni wezokwakha (contraction) e Ithala Trade Centre e-Thekwini ngenhloso yokubungaza abantu besifazane njengoba kuyinyanga yabo.

IDFC ibone kuwumbono omuhle ukuthi yenze lebngqungquthela, nokuzocijisa abantu besifazane abakulomkhakha owaziwa kakhulu njengo mkhakha wabantu besilisa. Bebengaphezulu Kuka 100 abantu besifazane abaku construction abaphumile ukuzo thamela lebngqungquthela, yokucijiswa iphinde inikeze umhlahla ndlela ekufakeni izicelo zoxhaso mali.

Njengoba bekunosomabhizinisi besifazane abangaphezu kwe-100, lo mhlangano ubunike amandla osomabhizinisi besifazane embonini yezokwakha ngamathuluzi asebenzayo, ulwazi lwezimali, kanye nokufinyelela ezinhlelweni zokusekela ukuze babasize bakhule futhi baqhudelane.

Unksz Tholi Cibane onguSihlalo SAWIC e-KZN, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uthe, “Siyaziqhenya ngokubambisana ne-IDFC, uMasipala we-Theku kanye ne-BCCEI kulolu hlelo olubalulekile. Abesifazane kwezokwakha banamakhono nokuzimisela ukuletha, kodwa badinga ukwesekwa, ukufinyelela kwezezimali nolwazi. Izinkundla ezifana nale workshop zihlomisa abesifazane ukuthi baqhudelane, badale amathuba omsebenzi, futhi bafake isandla ngendlela ephusile ekuthuthukisweni kwengqalasizinda esifundazweni sethu.”

Omunye wosonkontileka wesifazane oseneminyaka ekuleli bhizinisi, uNksz Nokwanda Dlamini owasungula inkampanini Ozel Group, uthe akulula neze ukuba kulebhizinisi. Uthe yena ungxile kakhulu kuma escalators nama lift, uthe bayawa dweba bawakhe bawafake, bawalungise baphinde bewathumele. Uthe ukuba kule workshop kumusizile kakhulu njengoba luningi ulwazi aluhlomulile mayelana nezokufakwa kwezicelo zoxhaso mali kanye nokubolekwa kwemali, kusho uDlamini.

Umhlangano wokucobelelana ngolwazi uyingxenye yegunya elibanzi le-IDFC lokweseka ama-SMME, ukugqugquzela uguquko kwezomnotho, kanye nokukhuthaza ukubamba iqhaza kwabesifazane nokudala amathuba emisebenzi emikhakheni ebalulekile yomnotho we-KZN.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *