Umphakathi wakwa Mashu uhlezi emanyaleni
1 min read

Umphakathi wakwa Mashu uhlezi emanyaleni

Intatheli: Norma Duma

Umphakathi waseSiyanda, KwaMashu, ungenelwa indle ezindlini. Iqembu le-Democratic Alliance (DA) eThekwini livakashele amalunga omphakathi aseSiyanda, ehholwa ngulowo oqokelwe isikhundla sokuba yiMeya ye-DA eThekwini, uHaniff Hoosen.

Sinyantisa igazi isimo abantu baseSiyanda abahlala kuso, indle igiqika emangcekeni, njengoba sekuneminyaka lezi zakhamuzi zihleli kulolu bishi. UNksz Nomusa Mbatha oyisakhamuzi uthe izitamkoko ziqhuma mihla namalanga, uthe, “Inkinga enkulu esibhekene nayo sinezingane ezincane ezidlala kuwo lamazaphozi endle, kunezitolo ezithengisa ukudla khona la, nathi kumele sidle kuwo lamanyala. Okubuhlungu kunakho konke, sekubheduke izifo abantwana bagula njalo, imiyane uyazenzela lakithi,” kusho uNomusa Mbatha.

Omunye womakhelwane ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe, yena uthe sekuphele izinyanga ezingu-(8) behlezi nendle. Uthe bahlezi nama-reference kodwa lutho ukulungiselwa izitamkoko ezichithekela emangcekeni abo. Usikhombise ingane yakhe yentombazane ebilovile esikoleni ngenxa yokungaphili. Uphinde wathi, “Sihlala nomuntu okhubazekile, akasakwazi ukuphuma egcekeni njengoba kudludla isitamkoko.”

UHaniff Hoosen, oqokwe iqembu le-DA esikhundleni sokuba uMeya eThekwini, ushaqekile ebona izimo abantu abaphila ngaphansi kwazo. Ube eseqinisekisa izakhamuzi ukuthi, “Bona njenge-DA, iqembu elinakekelayo, sizowubanga umsindo kuze kube uMasipala uyalungisa lesi simo esisibona la. Abekho abantu okumele bahlale kulesi simo esinyantisa igazi.” Ukhulume ngobudedengu baMasipala weTheku ngokungalungisi ingqalasizinda, nokwakhoholela ukuthi indle ichitheke olwandle, nokwenza ukuthi kuvalwe amanye amabhishi ngesikhathi esimbi ngo-December, nokwathikameza ezokuvakasha ngenxa yokuhluleka kukaMasipala weTheku. Uthe okushaqisa kunakho konke ukuthi uMasipala uchitha izizumbulu zezimali emicimbini yamakhonsathi angathi shu, imibukiso yezemfashini, kanye nazo zonke izinto ezingena sidingo.

“Iqembu le-DA lathathela uMasipala izinyathelo, lavulela uMasipala icala sawuphoqa ukuba bathathe lezo zimali balungise indaba yengqalasizinda, kulungiswe amapayipi achitha indle,” kusho uHoosen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *