
NguMusawenkosi Mpofana (Intatheli)
Ziningi izindawo ezweni ezakhiwa kabusha ngenxa yezehlakalo ezibangelwa ukuguquka kwezimo zezulu. Kubikwa umonakalo omkhulu lapho kubalwa ukuguguleka kwezindlu amanzi, ukusha kwemizi nezimpahla okwenziwa umlilo. Ububi obukhulu ngenhlekelele ukulahlekelwa imiphefumulo nezinsiza-kuphila ezinjengomazisi nezitifikethi.
Akukho namunye othandayo uma kwehle isehlakalo senhlekelele endaweni, kodwa umphakathi ngokubambisana nohulumeni awukwazi ukuyekelela ungenzi mizamo ukwelekelela labo abavelelwe. Okulindeleke kumphakathi ukukhetha amalungu azoyoqeqeshelwa izimo ezinjalo. Laba bawubufakazi nemiphumela yabaqeqeshelwe ukulwa nesihlava senhlekelele (phecelezi amavolontiya noma amathimba osizo). Baqeqeshelwe ukubhekana nezingqinamba ezibangelwa inhlekelele (disaster).
“Bafowethu, kushukuthi laba bakhulekela ukuba kwenzeke inhlekelele ukuze babeke isinkwa etafuleni?” kubuza ongaqondi. Impendulo uthi qha! Lapho kunokuvelelwa khona kumele umphakathi ngokubambisana nohulumeni benze isixazululo, ingakho kunabantu ababhekelele izehlakalo zasemphakathini.
Kungumsebenzi ovela kuhulumeni ngokubambisana nomphakathi ukuqeqeshwa kwabantu abazobhekana nezimo zezinhlekelele ezihleli izwe ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu. Kanjalo njengoba abantu befa mihla namalanga kumele kube nabangcwabi ukumelana nokweswela kwabavelelwe, nakulezi zincithakalo kumele kube khona abaqeqeshwayo ukumelana nezimo ezinjalo.
Imvelo eyenza umonakalo, kodwa ukubuyiselwa komonakalo kusebenza abantu abaqeqeshiwe ukwenza lowo msebenzi.
