Enkulukazi Gigantic Training and Sourcing yethule indumezulu yomcimbi wezinsuku ezimbili Emlazi esigcemeni sakwa E.
1 min read

Enkulukazi Gigantic Training and Sourcing yethule indumezulu yomcimbi wezinsuku ezimbili Emlazi esigcemeni sakwa E.

Intatheli: Brenda Gumede

Lo mcimbi uqale mhla ziyishumi nanye kuNcwaba waphothulwa mhla ziyishumi nambili (11-12 August), ububanjwelwe e-Christian Assemblies Church, eMlazi kwa-E. Ubunikeza amandla abesifazane “Esigcakini” samadodakazi ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukucabanga Kahle, Ukuphila Kahle” (Thinking well is to live better).

Inhloso yalo mcimbi bekuwukunikeza abantwana bantombazane amathuluzi okubacijisa kahle ukuze baphile kahle. Usuku lokuqala lube yisiqalo esihle. Kwaqalwa ngemidlalo yokwazana ngenhloso yokuba wonke umuntu azizwe ekhululekile, kwalandela izingxoxo ezivulekile.

Umdidiyeli womcimbi, uNombuyiselo Ncamu, ubonga akaphezi ebandleni i-Christian Assemblies Church ngokubanika indawo yabo yokwenza lo mcimbi, njengoba bebesekela kakhulu kukho konke abakwenzayo.

Bekumenywe abanye abesifazane ukuba beze bazokhuthaza amantombazane futhi babelane ngezindaba zabo zempilo yangempela. Phakathi kwabo kubandakanya uSiwinile Ngcobo oqhamuka ku-Young Girl Inner Child, kanye noSli Langa oqhamuka kwi-Vuma FM. Izindaba zabo zokunqoba ubunzima zinike amantombazane ithemba. Ngenxa yokubanda ngaphandle, kugcine wonke umuntu efudumele ngetiye elishisayo kanye nokudla okuphekwe khona ekhaya.

Baqhubekile ngosuku lwesibili beqeqesha ngokuxhumana nokukhula. Nalo lwaqala ngemidlalo engama-ice breaker, kwalandela ukuqeqeshwa okwengeziwe, ukuxhumana, nokukhula komuntu siqu. Bekuyinto emnandi ukubona umsebenzi owenziwa ngenhloso.

Luhlelo oluqondiswe entsheni, lubenza bezizwe bebaluleke kakhulu futhi benogqozi. Lubakhumbuza ukuthi ababona bodwa, futhi kukhona abantu abalungele ukwelula isandla. Luphinde lwabahlinzeka ngendawo ephephile lapho bengafika khona befuna ulwazi, nokuba nje kube khona ozobezwa.

Kuye kwaba nokwamukelwa ukuthi sivela ezindleleni zokuphila ezihlukene futhi impilo isishaya ngezindlela ezihlukene, kepha asikho isidingo sokubhekana nayo sodwa. Kukhona isikhalo esikhulu sabantu abafuna ukukhipha imithwalo yabo enhliziyweni futhi basebenze ohambweni lwabo lokuzelapha, ukuze bakwazi ngempela ukubhekana nempilo ngenhloso, besuka endaweni yokuzithemba.

“Izinkundla ezinjengalezi zisiza ngempela abantu bazizwe bebukekile, bezwiwe, futhi kube khona othile obamele uma bona bengasenamandla ngaleso sikhathi,” kuqhuba uFanele Ntuli obengomunye wezikhulumi. Uphinde wangcoma kakhulu usihlalo we-Enkulukazi Gigantic Training and Sourcing, uNksz Nombuyiselo Ncamu, okunguyena umhleli walo mcimbi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *