UMAKHALA EKHUKHWINI ANGAKUBULALA KANTI FUTHI ANGAKUPHILISA
2 mins read

UMAKHALA EKHUKHWINI ANGAKUBULALA KANTI FUTHI ANGAKUPHILISA

Intatheli: Musawenkosi Mpofana

Umphakathi waseMlazi endaweni yakwaV ku-Ward 80 uzihlomulele ulwazi nokucijwa ngokubaluleka kokusetshenziswa komakhala ekhukhwini ngendlela yesimanje (Technology).

Lomhlangano ubuhanjelwe izinhlaka ezahlukene kubalwa System Audit And Control Associatkon i(SACA), South African Division Icon of Communication Organization (SADICO), COMIRIC, Council for Scientific and Industrial Research (CSIR) neCyber security. Bakhulume nomphakathi ngokudedelana beveza uhlelo lwabo ukuthi luwusiza kanjani umphakathi.

UMnu Thabang Phehla ovela kwi-Cyber security uthe bona bavikela izinto ezingafanelwe kufakwa noma kukhulunywa emafonini, njengokupostwa kwento engafanele, bayayisusa noma bakuvale isikhashane ungavunyelwe ukuposta ezinkundleni zokuxhumana. Uphinde wathi bayakwazi futhi ukukuvala ungaphinde ukwazi kuxhuma nabantu ezinkundleni uma ungalandeli imigomo yabo ebekiwe.

UNksz Zilungile Thunzi ovela ka ICASA uveze ukuthi bona basebenzisana nomabona kude, imisakazo ukubanika izimfuno kusebenza ezidingekayo phecelezi (Licenses, Material) nokunye okuningi. Kungabe ufuna ukuba nomsakazo woza kubona, ukwazi izinhlelo ezikhona ezishintshile woza kubona.

U Nksz Lutho Williams ovela ka COMRIC yena uveze indaba yokuthi basebenzisana nazozonke izinkampani zokuxhumana njengoMTN, Vodacom, Cell C kanye no Telkom ukubambisana nokwedlulisa imiyalezo ngokohlelo lwezokuxhumana lesimanje. Bayavikela njengoba sekwabakhona nokuntshontshwa kwezinamba zokuxhumana. Ukuthumela nokwamukela kudlula kubona noma ngabe okwani, inkulumo noma imali, ibona abaqinisekisa ukuthi udlulile umyalezo.

UNksz Sthembile Mthethwa yena ubuya kwa-CSIR okuyingxenye yezobuchule bamanje abasiza kakhulu ukwelekelela uHulumeni njengoba sekusetshenzwa ngezobuchwepheshe bamanje phecelezi (technology). Bayafuna ngokulandela izindlela zokusiza umphakathi njengoba kudala kwakusetshenziswa ama phone ayebizwa ngobhopopo manje sekusentshenziswa ama smart phones angama touch screen, ithina esenza leyomizamo yoshintsho, kuchaza uMa Nyambose. Uqhube wachaza ukuthi ukusebenza komuntu ngesiqu kuzophela yonke into izokwenziwa ngohlelo lezibuchule bamanje. Okuzobaluleka ukuthi wonke umuntu fanele afundiseke ngomakhala ekhukhwini wakhe ukuthi akusiwo wokufona kuphela sekuzosetshenzwa ngawo.

U Mnu Linda Khumalo ongumqondisi ye SADICO, yena uveze ukuthi abazali abaqaphele omakhala ekhukhwini babo bagadlaliswa izingane noma ikanjani, ngoba kunezinto abantwana abazicofayo zigcineke efonini ezidla iData neAitym. Abazali abangathele izingane omakhala ekhukhwini maqede baqikelele izinto abazifakayo phecelezi (download), ngoba izinto eziningi efonini ziyayicindezela igcine ingasebenzi kahle, kanti nengane igcina inakana nalezozinto kulahleke inhloso ngqangi kamakhala ekhukhwini.

Kuwugqamele ngokusobala umphakathi ukuthi lezimfundiso ziyadingeka ngoba zibavula amehlo ikakhulukazi ukusebenzisa umakhala ekhukhwini njengesikhali ongaziphilisa ngaso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *