
Umbhali: Nobuhle Dube
Oyintatheli ye Ezinohlonze Media Group exoxisana noMnumzane Mthethwa uzwakalise amazwi angemnandi neze ngokusebenza kuka-COGTA, kodwa ubeke kanje: Mina nginguSphiwe wakwaMthethwa. Sinesikhalo ngo-COGTA okhona manje, esingasinakile mayelana nobukhosi bakwaMthethwa. Lokhu kusixaka kakhulu njengamanje, ngoba baningi abazibiza ngokuthi bangamakhosi akwaMthethwa, ekubeni bengawulandelanga umlando wasekhaya.
Indlu ebihlezi esihlalweni sobukhosi ibiyazi kahle indaba yokuthi ihlezi esihlalweni okungesona esayo, ngoba bona baseKhohlo.
Indlu okufanele ihlale esihlalweni sobukhosi yindlu kaSomveli, okwakuyindodana endala, inkosana.
Okusemqoka ukuthi lolu daba seluyasikhathaza futhi selusihlupha kakhulu njengomndeni Sicela u-COGTA asinake futhi alubhekisise lolu daba, sicele ubulungiswa njengoba kwathiwa sangena enkululekweni eNingizimu Afrika.
Mina nginguSphiwe, ozalwa uMzwakhe kaNethane kaShikane kaMaliyavuza kaStimela kaSomveli kaDingiswayo kaJobe
