
Intatheli: Musawenkosi Mpofana
Njengalokhu kwasentshenziswa owesifazane ensimini yaseEdeni kwangena ukufa nesono, umuntu wasuka endaweni uNkulunkulu ayemmise kuyo, kanjalo kuyakuvuswa owesifazane ukuze umuntu abuyele endaweni yakhe. Lamazwi ashiwo uMphostoli PS Nzaca evula insumayelo yakhe ngomgqibelo.
Umndeni wakwaNyawose eMgungundlovu usuzakhele igama ngokusungula baphinde badidiyele iBafana Bafana (The Prayer Circle of Faith), la behlose khona ukuhlanganisa amalunga omkhuleko izwe lonke bebambisene noMpostoli PS Nzaca kanye noNksz Khanyile okuyizelamani ngokuzalana.
Baqalile ukuhambela izindawo njengoba ngomgqibelo womhlaka29 August 2026, bebehambele indawo yaseThekwin iMorningside la bekuhalangene khona wonke umuntu wesilisa, wesifazane kanye nabantu abasha. Inkonzo ibimayelana nokuqala kokwazana njengoba isikhathi esiningi kuxhunywana ezinkundleni zokuxhumana.
UMnz Nzama ongumkhwenyane kaNksz Nzama ethula unkulumo yakhe yokwamukela izicukuthwane, uthe njengoba isono sangena ngowesifazane nokubuyisana komuntu noNkulunkulu kusemandleni abo abesifazane, uqhube wathi bona njengamadoda abo ukubalekelela kuzidingo ngqangi zabo ngoba umbono wabo ngengamakhosikazi abo bayawazi, bayayibona imiphumela yawo emihle, nokuthi ngeke ulivimbe icebo likaNkulunkulu ngomuntu wakhe.’ kuchaza uMnuz Nzama.
UNksz Nzama usukume waveza inhloso yosuku ukuthi kuzokhandwa iBafana Bafana yomthandazo eyake yakhandwa uMvangelo NJ Sithole ongasekho emhlabeni. Kuhlokome indlu la esethinta indlela uNkulunkulu asebenzisa ngayo uMphostoli uNzaca esikhathini ezincane beqale lemihlangano yokukholwa.
UNksz Nyawose usukume ezokwamukela uMsakazo uMlazi FM obuhambele lenkonzo, wadumisa kwanyakaza indlu kwadla ukuba isikhathi somshumayeli sesisondele.
UMpostoli Nzaca ube esethatha nomyalezo wosuku eqinisa ukuthi into oyinikwe uNkulunkulu noma bangayinyathela kodwa izophakama, unganaki kakhulu abakugxekayo bekubuyisela emuva kunalokho phokophela kulokhu owakuzwa nokuwubizo lwakho. Akekho oyakwahlulelwa ngesenzo somunye izenzo zakho ziyokudalula ngokusobala uma usubuyele kumdali.
Ukubuya kukaMphositoli esteji ubesezobiza abafuna ukubuyela eNkosini nabadinga amandla kabusha okubuyela emthandazweni. Okunyakazise indlu yonke ukubizwa kwabesifazane abafuna ukushintsha izibongo. Akusona isono ukucela nokuthandazela umshado, kuchaza uMphostoli Nzaca . Uhhafu wendlu yabesifazane ababehambele lenkonzo bagijimile bathi galo yephuka beyokhulekelwa ukuthola omaqondana.
Inkonzo ivalwe ngezinga eliphezulu wonke umuntu ebuza izobanini elandelayo.
