UFlash Mystro ubuyela esigcawini ngemuva kwengozi
1 min read

UFlash Mystro ubuyela esigcawini ngemuva kwengozi

Intatheli: Brenda Gumede

Umculi we-Hip Hop waseMlazi kwa L, uFlash Mystro, usekulungele ukubonakala emphakathini, uzobonakala okokuqala esidlangalaleni selokhu aba sengozini yemoto mhla zimbili kuNcwaba 02 August 2026.

UFlash uzobe ekhona kwi-Umlazi Hip Hop Culture ngoMgqibelo, mhlaka-12 September 2026, lapho ezohlangana khona nabalandeli bakhe, abaculi kanye nomphakathi we-Hip Hop.

Lomculi walaliswa esibhedlela ngemuva kwengozi, kodwa manje useyalulama. Izindaba zesimo sakhe zadonsa amehlo kubalandeli bakhe kanye nomphakathi womculo, abaningi bathumela imiyalezo yokumeseka nokumfisela ukululama ngokushesha.

Ngaphambi kwengozi, uFlash Mystro ubeqopha iqiqo (EP) lezingoma ezineIzimantshontsho. Ukukhishwa kwaleliqiqo kubambezelekile ngenxa yengozi, njengoba lo mculi egxile ekululameni kwakhe. Usuku olusha lokukhishwa kwe-Amantshontsho luzomenyezelwa ngesikhathi esifanele.

167 Inc. ithe impilo kaFlash Mystro iyona eza kuqala, yaphinde yabonga abalandeli ngomthandazo, uthando nokumeseka kwabo.

“Siyabonga kakhulu kubo bonke abaqhubekile nokumeseka uFlash ngesikhathi esinzima. Uyaqhubeka nokululama, futhi siyajabula ukumbona ethatha izinyathelo zokuqala zokubuyela emphakathini. I-Amantshontsho izofika ngesikhathi esifanele.” kuchaza udidiyeli we 167 Inc.

Ukubonakala kukaFlash Mystro kwi-Umlazi Hip Hop Culture kuzoba yithuba lokuthi abalandeli bakhe baphinde bambone ngemuva kwesikhathi esinzima.

Usuku: NgoMgqibelo, mhlaka-12 Septhemba 2026

Indawo: Umlazi, D Hall

EP ezayo: AMANTSHONTSHO 4-Piece Project

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *