
Intatheli: Norma Duma
Izinkulungwane zezintombi eziphuma kwizifundazwe ezahlukene, kanye nase Swaziland namanye amazwe ziphume ngobuningi ukuzothamela uMkhosi womhlanga esigodlweni sase-Mashobeni oPhongolo.
Kuqopheke umlando kumkhosi womhlanga wonyaka ka 2026 ngesikhathi izinyane le Silo Misizulu ka Zwelithini u Simezwini Tensindiso evulela izintombi umkhosi womhlanga,kuthe kushaya ihora lesishangalombili (8) I Nkosazane ibisihambise umhlanga esigodlweni, lokho kwenze ukuthi kusheshe ukuhambiswa komhlanga. Kushaye iHora lokuqala sekuhambise zonke izintombi umhlanga.
Bezivunile zinconsa izintombi zihaya izihayo kanye nezingona ezibungaza ubuntombi bazo. Beziningi nezintombi ebeziqala ukuthamela umkhosi womhlanga omunye wazo, Ezinohlonze ezikhulume nayo u Nks Sithenkosi Mbasa (13)ovela Estcourt ngaphansi ko.mkhandlu uThukela kunomehlo u Gogo Mantombela uthe “ngoyaqala ukuza emhlangeni, ngijabule kakhulu ukubona izintombi ezingaka zimbincile zizinhle, njengoba sengiqalile loluhambo ngeke ngisayeka ngijabulile kakhulu” .
Umkhosi womhlanga umcimbi wokubungaza izintombi ezizingcinile. Lomcimbi wokuhlolwa kwezintombi usuhehe nezinye izinhlanga kulonyaka sibone umlungu eyingxenye yezintombi. U-Anastasia Fourier ophuma eShowe uthe ujabule kakhulu ngesikhathi ehambisa umhlanga, wahlabwa umxhele imvunulo emibalabala yezintombi, uphinde wathi ubenesikhathi esimnandi emkhosini womhlanga.
Induna yezintombi u Mningi Zuma ungcome kakhulu umkhosi wakulonya njengoba kusheshe waphela umcimbi wokuhajiswa komhlanga, Induna ithe kungumsebenzi wakhe ukugqugquzela izinyane ukuba livuke ngesikhathi, ukuvuka kwezinyane kuchaza ukushesha kokuqala komkhosi womhlanga kusho Induna. Lona bekungumkhosi wokugcina eyintombi njengoba ubezovalelisa useyogana, useyaphuma esigabeni sokuba yintombi.
Inkulumo kangangezwelakhe I Silo Misizulu ka Zwelithini ibigxile kakhulu kwisihlava se GBV, I Silo sikusho lokho ngokukhulu ukukhathazeka ukuthi lesifundazwe sakwaZulu Natal sinezinga eliphezulu lokuhlukumezwa kwabantu besifazane uze wenza ihlaya nge “Stella “ukuthi abantu abaningi babanodlame ngemuva kokushaya uphuzo oludakayo. Ube eseyala izimbali zakhe ukuthi ziqhubeke nokuzingcina kuze kuba zikhishwa ngokusemthethweni.
Umkhosi womhlanga akuwona nje usiko la kwaZulu kuphela, umkhosi uvulelekile kuzo zonke izinhlanga nezinye izizwe. Umkhosi womhlanga umcimbi wokubungaza izintombi zalolonke uhlobo.
