
Intatheli: Nomthandazo Magoso
eThekwini- Iqembu lebhola lomboxo (Ruby) FNB Emeris Comets lenze umlando ngesonto eledlule ngesikhathi linqoba okokuqala indebe ye-Castle Lager Murray Cup ka-2026 ngemuva kokushaya i-UKZN Durban ngo 55-12 enkundleni yase Mancosa Crusaders.
Umdlalo wawudlalwa esimweni esinzima semvula nodaka, kodwa ama-Comets akhombise amandla amakhulu. Bawuvule umdlalo kahle ngemizamo kaDeano Boesak, uDenilo Jordaan noDaniel Ikotela, kwalandela u-Andrew Davis.
U-Chris Horak ushaye imizamo emibili, omunye ngqo ngaphansi kwezigxobo, kanti uSphe Mbonambi naye ushaye kabili ngaphambi kokuthi uChristian Els avale isibalo sama-Comets.
Ngenxa yokudlala kwakhe okuhle, uHorak uqokwe njengoMdlali Womdlalo, kanti uBoesak uqokwe njengoMdlali Womqhudelwano.
U-Drico Marx uphumelele kuma-conversions amane naphezu kwesimo esinzima senkundla.
Umqeqeshi uJeremy McLaren uthe uyaziqhenya kakhulu ngabadlali bakhe.
“Ngiyaziqhenya kakhulu. Bafake umzamo omkhulu isizini yonke. Ukunqoba enye yezindebe ezindala kakhulu zomhlaba kuyimpumelelo enkulu,” kusho uMcLaren.
Leli qembu selenze umlando futhi ngemuva kokuba iqembu lokuqala leKZN ukungena kwi-Varsity Cup, manje selinqobe ne-Murray Cup.
I-UKZN ikwazile ukushaya imizamo emibili kuphela, kwathi iqembu lesibili lama-Comets kanye nama-Ladies ehlulwa kowamanqamu abo.
