
Intatheli: Msawenkosi Mpofana
Ama-Cllr AMABILI uDavide Ngubane noCllr Marco Mbambo ebebengamakhansela esiyingi sasethekwini ngaphansi kweqembu elibusayo iANC bashiye phansi leliqembu emveni kokuthi uCllr Ngubane bembize ngeSpayi seDA. Umngane wakhe okuvele ukuthi bangabangane kwakudala naye uvele washiya phansi isihlalo sobukhansela walandela umngane wakhe.
Ngijoyine iDA ngoba bangibiza ngeSpayi seDA okuyiqembu engingakaze ngilithande kuchaza uNgubane. Umngane wami naye uvele wathatha isinqumo sokungilandela ingakho sila kwi-DA sobabili. Kuvele ukuthi laba bobabili bathathe lezinqumo baqede bahlalisa phansi imindeni nabangane babazisa ngaloludaba.
UCllr Mbambo uchaze ukuthi indawo abeyikhansela leANC kuyona uzoyidla ibuyele kuDA uma beke bamnikeza amandla okuhola kuleyandawo yaseNazareta. Uveze nokuthi vele kuneziyingi ezintathu eziphethwe iDA lezi ezine bezingaphansi kwakhe ngakho ke uzodonsela lo 4 kulezi ezintathu bese isiyingi sonke sibuswa iDA. Uqhube waveza nokuthi yena unguMfundisi webandla angalidalulanga, kodwa inkolo ingenza ngibenokuthula engikholelwa nokuthi ngijoyine iQembu elikahle iDA inokuthula, awukaze uzwe bejahana ngezagila, kuchaza uMbambo.
Bachaze ngokuthi bazimisele ukusebenzisana neDA vele ukusebenza kwayo siyakwazi njengoba kuyiqembu ebelisimise kabi kukuhambisa izidingo emphakathini, kuchaza uNgubane. Ukuchaze lokhu eqinisekisa nokuthi bazobambusana ngolwazi abanalo nokwazi umphakathi ebebewuhola ukuthi udingani obekwenza kubenzima ekhaya elikhulu ukuthi bayadileya kuletha izidingo emphakathini futhi abazifikeli njengoba iDA yenza.
