IKhansela le-IFP ligxeka ukusetshenziswa kwesiNgisi emhlanganweni woMkhandlu e-ICC
1 min read

IKhansela le-IFP ligxeka ukusetshenziswa kwesiNgisi emhlanganweni woMkhandlu e-ICC

NguMsawenkosi Patrick Mpofana

Uzwakalise ukungenami uKhansela Thando Mchunu ngokusetshenziswa kolimi lokubolekwa (isiNgisi) kuphela emhlanganweni ohlala kabili enyangeni wamakhansela aSeThekwini namaphethelo. Lokhu ukuveze ngesikhathi enikezwa umbhalo we-ajenda obuhleliwe, ekhasini 121 (of 5.1), ukuthi achaze ngawo.

Uqale ngaso belu isiNgisi, kodwa okuthe maphakathi nenkulumo yakhe, wangena kumageba (isiZulu). Lokhu kwenze ukuthi kube nengxokozelo emhlanganweni, kwazise izinhlanga ezisuka kweminye imicimbi yobuhlanga bezingasamuzwa ukuthi uthini. Ubesecacisa ukuthi kubalulekile ukubeka inkulumo yakho ngolimi lwakho lwebele, kwazise iningi lamakhansela abelapha kungabendlu emnyama.

Kuyinkulumo yakhe, uveze nendaba yabantu bokufika ukuthi banikezwa kakhulu amalungelo okuphatha amabhizinisi baqashe abaseMzansi Afrika, kanti kumele kube abaseMzansi abaqasha abokufika.

Wagcizelela nendaba yokuhambisa usizo emphakathini, waveza nokuthi bona njengamakhansela ama-PR bayacindezeleka ngenxa yamakhansela ama-Ward. Ephawula ngalokhu, uthe nabo njengama-PR bayawadinga amandla ezimvume zokusiza umphakathi ngaphandle kwemibandela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *