
Intatheli: Norma Duma
IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal lizishaya isifuba ngokwenza kahle ngokubona abaqokwe nabavelele emikhakheni yonke, okuhlanganisa i-CEO yonyaka, Inhloko yoMnyango wonyaka, Imenenja kaMasipala yonyaka kanye nesisebenzi sonyaka.
Lendumezulu yomcimbi wemikomelo eba khona njalo minyaka yonke, nakulonyaka izinga beliseqophelweni eliphezulu njengoba bekukhona nokhaphethi obomvu lapha e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).
UNdunankulu ubonge waphinde wakhuthaza abasebenzi beminyango eyahlukene abasebenza ngokuzikhandla ngezindondo kanye nemikomelo yemali. Lesi isenzo sokujabulisa abasebenzi abasebenza ngokuzikhandla.
UNdunankulu uphinde wabonga osomabhizinisi nabaxhasi ngokusebenzisana okuhle, omunye walabo somabhizinisi uMnuz Vivian Reddy ngegalelo lakhe. UKhomishana wAmaphoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, naye ubeyingxenye yalomcimbi kwazise igalelo lakhe kulesi sifundazwe liyabonakala, kanti noNdunankulu ubesandula ukwengeza ikhontileka yakhe esehovisi.
Enkulumweni yakhe, uhalalisele bonke abawinile kanye nalabo abebeqokiwe. Uthe wonke umuntu obengenele ungowinileyo ngoba ubengeke aqokwe uma ubengenzi kahle. UNdunankulu ube esephosela wonke umuntu inselelo ukuba asebenze ngokweqiniso nokuzimisela emisebenzini nasemiphakathini.
