
Intatheli: Norma Duma
Inkampani yabameli evelele, ye-March and March eseGoli, isiphumele obala ekucaciseni isikhundla sayo kulandela ukuphawula kwakamuva komphakathi okuyixhumanisa nalowo owayengumsakazi kuKhozi FM, uNgizwe Mchunu.
Ubuholi balenhlangano bunqamule ubudlelwano noMchunu ngenxa yezinsolo zokugxambukela kwezombusazwe ngaphandle, ukugwazisa, kanye nemizamo yokudicilela phansi inhlangano ngaphakathi. Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, inkampani yabameli ithe uMnuz Mchunu akayena umqondisi noma umnikazi wamasheya, kanti akasiye umsebenzi noma ummeleli ogunyaziwe ukuba amele i-March and March.
“Abameli be-March and March abakayaleli noma bagunyaze uMnuz Ngizwe Mchunu ukuthi akhulumele, enze okuthile kumakhasimende abo, noma amele lenhlangano kunoma yimuphi umphakathi noma ibhizinisi,” kusho inkampani yabameli i-March and March.
Lenhlangano igcizelele ukuthi noma yiziphi izitatimende, imibono, noma izingxoxo ezenziwe uMnuz Mchunu iyaziqhelelanisa nazo. Yonke imibono noma izitatimende ezizobe zenziwe uMchunu, i-March and March ayikwazi ukuthweswa icala ngazo. I-March and March ithe isazibophezele ekuphakamiseni amazinga aphezulu obungcweti nobuqotho emsebenzini wayo, nabantu abasebenzisana nabo, kanye nomphakathi.
Lokhu kucaciswa kuza phakathi kwezingxoxo zomphakathi ezikhulayo kanye nemibhalo ezinkundleni zokuxhumana ehlobanisa uMnuz Mchunu nalennhlangano. Kunoma yikuphi ukuxhumana okusemthethweni, lenhlangano inxuse amalungu omphakathi nabezindaba ukuthi axhumane nabameli baka-March and March ngqo ngemigudu yabo esemthethweni.
