IKHAMBI ELIBONAKALAYO NGAMASEVISI WOMSHWALENSE NOMSEBENZI EBANTWINI
2 mins read

IKHAMBI ELIBONAKALAYO NGAMASEVISI WOMSHWALENSE NOMSEBENZI EBANTWINI

1. Inkampani Engaphansi Abantu Abansundu Nemvelaphi Yayo

Siyinkampani eholwa futhi esungulwe abantu abansundu, eyaqala ukusebenza ngomhlaka-1 March 2023. Yize inkampani inethemba lesikhathi esingaphansi kweminyaka emine isunguliwe, siza nesipiliyoni seminyaka engaphezulu kw e-13 kulomkhakha. Sabona ithuba kulo mkhakha sase siphuthuma ngezandla ezingelambatha.

Kuyenzeka ukuthi izidingo zamakhasimende zingakhoni ukusizakala kwinkampani eyodwa yomshwalense. Yilapho-ke sabona kuncono ukuba sisungule inkampani eyodwa ezosebenzisana nazo zonke lezi zinkampani ezinkulu ezahlukahlukene, sizifake ngaphansi kophahla olulodwa ukuze umuntu nomuntu athole okuhambelana nezidingo zakhe—ngisho noma kuxutshwe imishwalense ehlukene.

2. Imikhiqizo Nobudlelwane Obungashabalali

Sidayisa izinto ezifana ne-Life Cover, izinhlelo zomngcwabo (Funeral Plans), ukubeka imali/utshalo-mali (Investments), kanye nomshwalense wezempilo (Medical Aids). Sibuye sibe nemishwalense yamabhizinisi nosomabhizinisi futhi. Sizikhandla ngokwakha ubudlelwane obungasoze baphela ngoba sikuthula yonke imithwalo onayo kulomkhakha siyibele kithina; siphinde siqhubekele nasezinganeni zakho uma zikhula.

3. Usizo Ngokwezinhlelo Zamaphupho Nokushesha Uma Kuvela Inhlekelele

Sisiza wonke umuntu onesidingo kulomkhakha—abanye-ke banazo izidingo kodwa abazi. Asithi nje wonke umuntu onotho alitholayo, mhlawumbe ngosuku, ngeviki noma ngenyanga. Okokuqala, siyaxoxisana nomuntu simuzwe ukuthi uvelaphi, ukuphi, nokuthi uphokophelephi ngokwezomnotho. Yilapho esikhona ukuthola ukuthi yini ayidingayo nokuthi angasizakala kanjani.

Yebo, umshwalense uyizindleko, yingakho thina sibheka mhlawumbe izinkampani ezine (4) ukuthi lesi sidingo sakho singatholakala ngakuphi ngentengo ephansi. Bese sibuye sicacise ukuthi nakuba kubiza ukuba nomshwalense, kodwa liyafihlakala uhlazo ngenkathi isikusebenzela. Kanjalo nokubeka imali: kunesidingo esikhulu empilweni uma umuntu enamaphupho noma elungiselela izinsuku ezinzima. Kumabhizinisi nakhona senza njalo—sazi kangcono ngebhizinisi lakho, bese siziza ngomshwalense ohambelana nawe.

4. Ukulamula Ngokushesha Nokusiza Umphakathi

Yithina esixoxisana na lezi zinkampani uma umuntu avelelwe yinkinga. Umuntu uzoshayela thina ucingo noma athumele umbiko ku-WhatsApp. Isimo sakho noma inhlekelele esivelile ngeke iphele imizuzu engamashumi amathathu kungakaqali ukusetshenzwa ngaleyo nkinga. Kwazise phela ukuthi kwesinye isikhathi umuntu uthola ingozi yemoto; udinga abophiko lweziphuthumayo ukuze kuthathwe imoto azi ukuthi ithathwe ngobani, naye lapho aphone uphelile amandla. Ngakho-ke ngaleso sikhathi uma sithola umbiko, simshayela ucingo ukuze sazi ukuthi yini ayidingayo ngaleso sikhathi bese siqala ukumsiza.

Ekusizeni ngokwemisebenzi, siyathatha umuntu onganaso isipiliyoni simfundise umsebenzi. Athi angafunda umsebenzi, simqashe noma simfunele kwezinye izinkampani esisebenzisana nazo. Okunye esikwenzayo ukuya ezinkampanini nasezikoleni zamabanga aphezulu siyofundisa abantu ngemishwalense, ikakhulukazi ukubaluleka kokubeka imali ukuze kugwemeke ukuphila ngezikweletu ezingenasidingo.

Sesinabantu abaningi abasisizayo ehhovisi ukuze amakhasimende ahlale athola usizo, kanti sikhona nasezinkundleni zokuxhumana. Kodwa ayikho into edlula ukuthi sibe nabantu abaningi abazohlala bavakashela amakhasimende ukuthola ukuthi mhlawumbe izinto azikashintshi yini, ukuze sazi ukuthi lokho esasikuhlelile ngaphambilini kuseyikho noma sekumele siphinde sibhekisise kabusha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *