
Intatheli: Norma Duma
UNgqongqoshe weScience Technology and Innovation Prof Blade Nzimande uhambele indawo yase Ixopo kumMkhandlu I Harry Gwala.
Njengoba uNgqongqoshe eshaya ibuya kulendawo, kwathi ngonyaka ka2023 ngesikhathi evakashele LoMkhandlu wathola umbiko ungemuhle ngalendawo, izakhamizi zikhakhala ngomgaqo ongemuhle osho ngezinguzunga zemigodi, kanti futhi lendawo idume kabi ngokwebiwa kwemfuyo. Iyona inhloso eyenze wabuya esephethe izixazululo kulezinkinga ezikhungethe umphakathi wase iXopo.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uNgqongqoshe uthe bengumnyango wososayensi kanye nobuchwepheshe, kubalulekile ukuthola izindlela ezintsha zesimanje manje zokuxazulula izinkinga. Uphinde wakhuluman ngohlelo olusha lobuchwepheshe lokugqiba imigodi emigwaqweni, kanye nokulwisane nesihlava sokwebiwa kwemfuyo. Izakhamizi zizolujabulela kakhulu lolu hlelo lokufakwa kwe tracker ezilwaneni, nokuzokwenza umnikazi akwazi ukuyilandelela, loluhlelo luzosiza kakhulu ukunqanda ukwebiwa kwemfuyo njengoba ingcebo yabamtu abamnyama isemfuyweni yabo kusho uNgqongqoshe.
Omunye wososayensi odabuka eMpumalanga uNksz Lina Maphanga osebenzela inkampani I GrooveTech nokuyinkampani esebenza ngokukhethekile ukuvala imigodi emigwaqweni isebenzisa amaplastiki. Ukhulume kabanzi ngomsebenzi abasebenzayo, uthe sebesebenzisane kakhulu noMasipala ukulungisa imigwaqo. Umkhandlu waseHarry Gwala uzoba ngowokuqala eKZN ukulungiselwa imigwaqo kusetshenziwa lobuchwepheshe, kanti futhi lushimbile yize kodwa Iglue esentshenziswayo ukunamathelisa ingakatholakali la eNingizimu Afrika bayilanda kwabanye amazwe kusho uMaphanga.
UMnuz Hlophe ovela Kwinkampani Imali Wealth Group abaxhasa ama project ngezimali. Loluhlelo luxhasa abantu ikakhulukazi Insha enemibono ukuguqula izwe ngezobuchwepheshe. Uchaze kabanzi ngezitshalo kanye ne organic farming nokusebenziswa kwezitshalo ukwemza imikhiqizo efana nama mabukeni abantwana alahlwayo kanye nama pads abantu besifazane aphephile anganawo amakhemikhali abanga isifo somdlavuza.
Okhulumele abakwa Technology Innovation Agency uDr Anita
uthe umsebenzi wakhe ukusiza abantu ikakhulukazi Insha enemibono emihle yokuxazulula izinkinga ngezobuchwepheshe, ikakhulukazi labo abasemphakathini nabangakaze baqeshwe, uphinde wathi kunesikhwama esibekelwe ukuxhasa leyo mibono iphenduke Ibe Ibhizinisi.
