
Intatheli: Norma Duma
Ungqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMartin Meyer ukhwele wadilika ngokugqoza nokuhamba kancane kwesakhiwo sesikole eWaterloo eThekwini kuWard 106. Lesi sikole samabanga aphansi saqalwa ukwakhiwa ngo-2023 kulindeleke ukuthi siphothulwe, kuphinde kuqalwe ukufunda ekupheleni kuka-August nonyaka.
Ungqongqoshe uzwakalise okukhulu ukudumala ngesikhathi evakashele lesi sakhiwo ukuyohlola inqubekelaphambili, nakuyilapho uthole khona ukushaqeka ngakubonile, isikole iSibonginhlanhla Primary siseku-80% ngokwakhiwa. Ungqongqoshe uthe lokhu akwamukelekile futhi kuyichilo elikhulu, njengoba laba omahamba-nendlwane bezindlu zokufundela zesikhashana seziphelelwe yisikhathi. Lokhu kubambezeleka sekuzotshatshaza umnyango u-10 million wamaRandi ngaphezulu kuze kuphothulwe kwesakhiwo ngonyaka ozayo ngo-June, kusho uMeyer.
Okhulumele isikole iSibonginhlanhla Primary uMnuz Khoza, oyiSekela LikaThishanhloko, uthe ukungapheli kwesakhiwo sesikole ngesikhathi kubalimaza kakhulu njengoba izimo abantwana abafundela kuzo zingezinhle neze. Uthe amagumbi okufundela mancane kanti izingane zicinene egumbini ngalinye, lokho kwenza kube nzima ukufundisa.
Ngesikhathi ehlonywa imibuzo usokontileka, okunguyena owathola ithenda lokwakha lesi sikole, uMnuz Mbongiseni Duma weKhulakwande Construction, uzichithile izinsolo ezikhomba yena njengosokontileka ukuba uhlulekile ukuphothula umsebenzi ngesikhathi. UDuma uthe babhekene nengwadla njengoba umnyango wezemfundo eKZN ungenzi kahle. Ngokusho kukaDuma, umnyango awukhokhi ngesikhathi kokunye awukhokhi nhlobo. Uphinde wadalula ukuthi ngomunye unyaka bakhokhelwa kathathu unyaka wonke. “Sake sacabanga ukushiya le phrojekthi kodwa kwaba nzima njengoba izinsizakusebenza zase zikhona. Iyona ingqinamba enkulu esibhekene nayo njengoba sesihluleka ukuphothula umsebenzi ngesikhathi esasibekiwe. Lolu daba salibika ehovisi likaNgqongqoshe kodwa asilutholanga usizo,” kusho uDuma.
Ikhansela lakuWard 106 uJohnson Chetty uthe bengumphakathi baphoxeke kakhulu ngokungapheli kwesikole ngesikhathi. Uthe: “Ngesikhathi sethula le phrojekthi emphakathini kwakuyintokozo kubazali ukuthi abantwana sebezoba nesikole esisha, kanti ababuzanga elangeni kwavele kwahamba ngolunwabu. Lokho kusenze sabukeka njengabantu abangathembekile nabakhuluma amampunge emphakathini uma isikole sesingapheli ngenxa yezingqinamba.”
