Inhlangano yamgcwabi igumba ishumi leminyaka yasungulwa
1 min read

Inhlangano yamgcwabi igumba ishumi leminyaka yasungulwa

Intatheli: Norma Duma

I-National Funeral Practitioners Association of South Africa (NAFUPA), lena inhlangano yabagcwabi, ibigubha iminyaka eyishumi yasungulwa. Inhlangano emele abangcwabi abaphethwe abantu abamnyama nabancishwe amathuba phambilini kanye nabasebenzi bezimboni. Iholwa nguMengameli uMuzi Hlengwa, igqugquzela uguquko kwezomnotho, ukubusa ngendlela efanele, kanye nokuthuthukiswa kwesakhiwo emkhakheni wokunakekela ukufa eNingizimu Afrika.

Njengoba i-NAFUPA ibigubha iminyaka eyishumi, lemigubho ibihambisana nochungechunge lwemicimbi oluthathe izinsuku ezintathu (3). Usuku lokuqala bekungu 9 August, amalunga e-NAFUPA kanye nababambiqaza bahlanganyela enkundleni yokudlala igalofu e-Luwinzo Golf Club. Umdlalo wegalofu waziwa kakhulu njengomdlalo lapho khona kwakhiwa khona ubudlelwane kwezamabhizinisi, kuphinde kuthathwe nezigqimelo. Usuku luphethe nge-Gala Dinner e-Premiers Hotel eMhlanga.

Njengoba bekubungazwa usuku lwabantu besifazane, kube nezihambeli okubalwa uSekela Meya weTheku uZandile Myeni kanye noNksz Nomfundo Mcoyi Zondo osezenzele igama kuleli bhizinisi yokugcwaba. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, udlulise ukubonga okukhulu kwinhlangano i-NAFUPA, ikakhulukazi umengameli wayo uMnuz Muzi Hlengwa owaziwa ngo-“BJ”, ngokumeseka kanye nokumthuthukisa ngesikhathi efika kulendima. “Kubalulekile ukusebenzisana kanye nokubambana kwezamabhizinisi njengabantu abamnyama,” kusho uMcoyi Zondo.

Usuku lwesibili ngoMsombuluko, amalunga abamba inkomfa, nayilapho ayebhunga khona ngezindlela ezintsha zokusebenza nokuthuthukisa leli bhizinisi likhule lize lifinyelele nasemazweni ase-Afrika.

Usuku lwesithathu luphele ngombukiso wezimoto zabagcwabi ezitaladweni zakwaMashu. Imvula enamandla namakhaza akuzange kuvimbele amalunga e-NAFUPA ukuba angayi ukuyojuxuza e-Rooftop, nokulapho kuphothulwe khona imigubho yezinsuku ezintathu.

UNksz Khoza odabuka e-Free State uthe njengelunga elisanda kujoyina, ujabule kakhulu ngokwenziwa yile nhlangano. Waphinda wathi nabanye abantu uyabangxenga ukuba bajoyine i-NAFUPA.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *