Uqophe umlando ethula izigcwadi ezintathu
1 min read

Uqophe umlando ethula izigcwadi ezintathu

Intatheli: Norma Duma

NgoLwesine ebusuku umbhali onezindondo ngaphansi kwegama lakhe, uThabani Zungu, uqophe umlando wokubhala kuleli sonto ngokwethulwa kwezincwadi ezintathu ezintsha ngobusuku obubodwa, konke lokhu kungenye yeziqophamlando ezinkulu zokushicilela komuntu ngonyaka owodwa.

Ukwethulwa kwalezi zincwadi ezintathu kwenzeke e-Pavilion Mall, lomcimbi udonse ababhali, abafundi, abaholi bamasiko nabathandi bezincwadi abeze ukuzobungaza umsebenzi wakamuva kaZungu. Ekhuluma kulo mcimbi, uZungu uthe lezi zincwadi ezintathu zimele izingxenye ezahlukene zohambo lwakhe njengombhali futhi njengendodana yase-KZN. Lezi zincwadi ezintathu zikhuluma ngempilo kaZungu kusukela esengumfanyana, kwase kwaba yilapho esephothula khona izifundo zakhe eNyuvesi yaseNgoye.

Izincwadi ezethulwe yilezi:

  1. The State of Mind in Adverse Season
  2. The Art of Business Support
  3. The Religious Battle

Kubanjwe izingxoxo zephaneli eholwa nguNksz NP Khomo we-Izwi Lomzansi Radio, ngokuxoxwa kwezindaba, ubunikazi, kanye nekusasa lezincwadi. Ubusuku buphethe ngokusayinwa kwezincwadi kanye nethuba lokuthathwa kwezithombe. Kube nomunyu esebambana nokevele ukuthi uyilunga lomndeni, uma evela ezinkulumeni ngesikhathi ebizwa ubaba kuthiwa akazothandazela ukuvala. Ube eseveza okunikeze abantu isithombe esicacile noManzini, ukuthi impela ungumntwana wobizo kungakho aze ethiwa igama elithi “ABRAHAMA”

Asiyixoxe ngezithombeke bahlobo bami njengoba nibona ukuthi abantu bebephume ngobuningi babo ukuzobungaza lomcimbi wokwethulwa kwencwadi. Kanti kubona kala lapha phezulu ongomunye wabebala elimhlophe okusolakala ukuthi ungesinye sezikhulu zase Exclusive Book, bexhawulana noThabani Zungu. Lokho kusho ngokusobala ukuthi bawujabulele umsebenzi kaManzini wokukhiqikizwa kwezincwadi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *