I-MELLINS PRIVATE WEALTH YAKHA IKUSASA LEZEZIMALI NGOKUBAMBISANA NEZINKAMPANI EZIHLASELE PHAMBILI
2 mins read

I-MELLINS PRIVATE WEALTH YAKHA IKUSASA LEZEZIMALI NGOKUBAMBISANA NEZINKAMPANI EZIHLASELE PHAMBILI

Endaweni yezimali neyokulawulwa kwengcebo eNingizimu Afrika, indlela abantu amabhizinisi nemindeni abaphatha ngayo izimali zabo iyaziphendukela. Khona kusemqoka ukuthola abeluleki abanethenjwa nabanamava, inkampani i-Mellins Private Wealth iqhubeka nokuba ngelinye lamakhona amakhulu ahlinzeka ngezixazululo zezimali eziphelele neziqondene nomuntu ngamunye.

I-ntatheli ye-Ezinohlonze Media Group ibe nethuba elimangalisayo lokuhlala phansi ixoxisane nomunye wabaholi nabaphathi abaphezulu benkampani i-Mellins Private Wealth, owabelane ngombono, isu namandla analo lo mkhakha wosizo lwezezimali.

Ukubeka Ikusasa Lezezimali Ngokuhlanganyela

Engxoxweni ebalulekile nekhethekile ne-Ezinohlonze Media Group, umqondisi uAlex Kunene wacacisa ngokusobala ukuthi inhloso enkulu ye-Mellins Private Wealth ukusiza amakhasimonde ukuthi akhe ingcebo ezohlala njalo ngezixazululo ezithenjwayo.

“Inqubo yethu elula kakhulu kodwa eguqula impilo ithi: ‘Let’s build your financial future, together’. Asiyithatheli phansi indaba yengcebo nobuphofu bamakhasimende ethu. Siyazi ukuthi umuntu ngamunye, umndeni ngamunye, namabhizinisi banezidingo ezahlukile. Kungakho singanikeli ngezixazululo ezijwayelekile zokufanisa abantu wena uqobo, kodwa sihlinzeka nge-tailored financial solutions esukela olwazini nasekwethembeni.”

Ukusebenzisana Nezinkampani Ezihamba Phambili eNingizimu Afrika

Elinye lamandla amakhulu e-Mellins Private Wealth ubudlelwano obuqinile nobuthenjwayo obukhona phakathi kwayo nezimboni ezinkulu zezemishwalense, ezezimali, ezempilo nezotshalo-mali eNingizimu Afrika. Lo mholi uthe ukusebenzisana nezinkampani ezaziwayo kubanika amandla okuhlinzeka amakhasimende ngezinketho ezingcono kakhulu emakethe.

Ngesikhathi sengxoxo, kucacile ukuthi i-Mellins Private Wealth iyisixhumanisi nomhlahlandlela, isebenzisana nalaba balingani abalandelayo:

Uhlaka LwezinsizaAbalingani Abanethenjwa (Trusted Partners) 
Ezemishwalense nokuvikela ingceboLiberty, Hollard, Santam, Bryte, Guardrisk, ONE
Ezempilo nobuchwephesheDiscovery, Bonitas, PPS (For Professionals)
Eze-Investments netshalo-maliSygnia, MMI Holdings, Ninety One

Izixazululo Eziqondiswe Entuthukweni Yezezimali

Lo mhudulisi uthinte amaphuzu abalulekile amaningi abantu abavame ukubhekana nawo kumanje:

  • Ukulungiselela umhlalaphansi: Ukusiza abantu ukutshala imali kahle kuma-portfolio afana no-Ninety One ne-Sygnia ukuze banakekelwe uma sebephumule emsebenzini.
  • Ukuvikelwa kwempahla nebhizinisi: Ukuxhumana ne-Santam, Hollard, kanye ne-Guardrisk kuletha ukuthula engqondweni ngokuvikela izimoto, izindlu, namabhizinisi ezingozini.
  • Umshuwalense wezempilo: Ukusebenzisana ne-Discovery ne-Bonitas kuqinisekisa ukuthi abantu namaphrofeshinali bathola ukwelashwa okusezingeni eliphezulu.
  • Amaphrofeshinali (PPS): Ukuhlinzeka osolwazi, odokotela, nabanye ochwepheshe ngezixazululo ezikhethekile zokulondoloza amandla abo ezezimali.

Ukuxhumana Ne-Mellins Private Wealth

Ingabe Usulungele Ukwakha Ikusasa Lakho Lezezimali?

I-Mellins Private Wealth imema bonke abafisa ukuvikela nokukhulisa ingcebo yabo ukuba baxhumane nethimba labo lochwepheshe kulaba oxhumana nabo:

  • Ucingo: +27 (0)11 516 0554
  • I-imeyili: Info@mellinsgroup.co.za
  • Iwebhusayithi: www.mellinsgroup.co.za

Siphetha ingxoxo, umqondisi uAlex Kunene wathi: “Inhloso yethu ukuba ngumhlahlandlela wakho onokwethenjelwa. Isiqubulo sethu sithi ‘Your wealth. Our expertise. Securing your future.’ Sithi ezinye izinto ziguquka ngenxa yesikhathi, kodwa ukuzibophezela kwethu ekusethenjweni nekusaseni lakho kumi njalo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *