
NguIntatheli: Brenda Gumede
UAyanda Ntanzi Uphike Izinsolo Zokungazwani Nomndeni Wakhe
Umculi wokholo odume kakhulu ngomcimbi wakhe omkhulukazi eThekwini i-One Man Show, uAyanda Ntanzi, uziphikile izinsolo zokungathelelani amanzi nomndeni wakhe okwenze waba undabamlonyeni emva kokugcagcelwa uMaZungu ngempelasonto mhlaka-22 kuNcwaba.
UNtanzi uthi: “Ngiyingane kaBhekephi Hilder Ntanzi ongasekho, wendlu kaMapetshisi noMaThusi, nabo bobabili abangasekho. Umama wangishiya ezandleni ezinothando zodadewabo abathathu nabafowabo ababili. Kulaba abahlanu, munye kuphela ongakwazanga ukuba nathi ngoMgqibelo. Washiya izingane ezimbili kuphela: mina kanye nodadewethu uBuyisile – manje osethabe kakhulu ngokuthi sengimtholele udadewabo. Yeka ubuhle! Endlini yakwaMapetshisi kuphela, sinabazukulu nabazukulwane abangaba ngama-25, abaningi babo ababekhona ngoMgqibelo ukuzogubha nathi. Umndeni wakithi kababa nawo wawukhona ngobuningi! Sibonga uNkulunkulu ngothando nokusekelwa okungantengantengi komndeni wethu. Bengizungezwe umndeni – kokubili owakwethu kamama nowakwethu kababa – futhi ngalokho, inhliziyo yami igcwele.”
Inkulumo yakhe le ezinkundleni zokuxhumana uyiphethe ngokuzithakazela ethi: “Wothi Fakazi! Nobanda kaMsasane! Nomathiya! Ndabezitha! Dlukula! Dledle!”
Lokhu okubeka ngokusobala ukuthi uyazwana nomndeni wakhe futhi akawuvalelanga ngaphandle emcimbini wakhe abaningi abebengazi ngawo. Zisale zibambe ongezansi izintombi ebezizibhekile kule nsizwa, uzwa abanye bethi: “Vele izinsizwa ezisindisiwe zikhetha ngaphandle.”
