KUMILE NSE UKUFUNDA NOKUFUNDISA EMLAZI TVET UMBHIDLANGO WABAFUNDI
1 min read

KUMILE NSE UKUFUNDA NOKUFUNDISA EMLAZI TVET UMBHIDLANGO WABAFUNDI

Intatheli: Musawenkosi Mpofana

Kume nse ukufunda nokufundisa ngoLwesihlanu ekuseni, kuvalwe amasango eMlazi cCoastal College, izingane zagaleleke nababhodi ezandleni ziletha izikhalazo zazo.

Kumile ukufunda eMlazi TVET, oThisha baqhinqe ngaphandle kanye nezingane, kubangwa indaba yomsebenzi wokulungiselela ukuyothweswa kweziqu. Uzokhumbula ukuthi kulezikhungo eziqeqeshela amakhono phecelezi amaTVET, ngaphambi kokuthi uthweswe iziqu, umfundi kumele ayokwenza uqeqesho endaweni yokusebenzela (practicals), ezinkampanini noma khona ngaphakathi esikhungweni. Manje bakhala ngokuthi izinkampani ziyabiza uma becela izikhala zokwenza leloqeqesho, bafuna isikhungo senze izindlela zokuthi bakwazi uma beqeda ngezifundo bayothola leloqeqesho. “Siyafunda siyakhokha imali enkulu lapha nesikhathi sethu sisichitha la masekufanele senze ama practicals abasinaki futhi abasiniki izincwadi ezisicelela uxhaso ngoba ziyabiza izinkampani masiziyela thina” kuchaza omunye wabafundi uLungelo Sishi efuthelana. Kulula ukufunda eTVET inkinga iqala masekufanele bayothola uqeqesho ezinkampanini yalokho abakufundele ukuze bathole ukwethweswa iziqu, balungele ukuyosebenza.

Baphinde baveza ukungaphatheki kahle mayelana noxhaso lukahulumeni (NFSFAS). Bakhala ngokuhlaliswa ezindaweni eziphelelwa amanzi nogesi isikhathi eside bengasizakali. Baphinde bangakhokhelwa ngesikhathi izibonelelo zabo.

Sizoyigxoba la ngaphandle kwesikole akekho ozongena nozobhala baze balalele izikhalazo zethu, kuchaza umfundi ophinde abeyilunga lababhekelele abafundi (SRC). Uthi bakhathele ukwethenjiswa izulu nomhlaba uma besazofaka izicelo zezikhala zokufunda, umasebengaphakathi kushitshe ukudla epletini, babaselwa ngemali yokufunda kuphela. Ngokokufisa kwabo bafisa kube isikhungo esibafunela izikhala zokwenza lolu qeqesho njengasemihleni.

Bathembise ukubhidlanga ukuze abaphathi bekolishi baze bafinyelele esivumelwaneni nabo, futhi nendaba kaNFSFAS ilunge ngaphandle kwezihibe.

Okhulumela abaphathi balesisikhungo uMnuz Dlomo uthe kuyabethusa lokhu ngoba kwasemihleni, kungumsebenzi womfundi ukuthi azifunele inkampani ezomnikeza uqeqesho, bona bafika bezoqinisekisa ukuthi uqeqeshwa lapho na, hayi ukuthi bona njengesikhungo bayobafunela izinkampani. Uthe njengoba isimo sesinje bazoluqhubeza phambili lodaba ngoba aluqali seliyinjwayelo kanti liyaphazamisa ukufunda nokufundisa kulesisikhungo.

Siyaqinisekisa ukuthi ngeke iphele lenyanga abafundi bengabuyelanga emakilasini njengenjwayelo nathi solusukumela lodaba kusho u Mnuz Dlomo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *