IKABAWO PERFORMING ARTS ACADEMY IZOBHUNGA AMAGUGU NGOMKHAKHA OMKHULU WESHASHALAZI YENTSHA

Intatheli: Norma Duma
Durban I-Ikabawo Performing Arts Academy, okuyisikole sesimanje esineminyaka engaphezu kweshumi sithuthukisa amathalente, sikhiqiza umculo futhi sithuthukisa ezobuciko beshashalazi, izogubha i-Heritage Month ngendlela ekhethekile kulo nyaka.
Lesi sikole esihlonishwayo sesikhiphe amathalente amaningi avele adume umhlaba wonke, futhi sisebenze kakhulu namaqembu eshashalazi asemalokishini, amaqembu omdanso kanye nabaculi kulo lonke elaseNingizimu Afrika.
Njengxenye yokugubha impumelelo yaso kwezobuciko, i-Ikabawo imemezela umcimbi omkhulu:
I-IKABAWO YOUTH THEATRE FESTIVAL
Lomkhosi wokuqala ngqa wohlobo lwawo uzobanjwa ngokubambisana ne-Durban Music School (DMS).
Imininingwane yomcimbi imi kanje:
Usuku: 25 September 2026
Indawo: DMS – Durban Music School
Isikhathi: 12:00 emini
Indikimba: Culture & Tradition – Amasiko Namagugu
Kulindeleke ukuhlangana kwabaculi bendawo abazokwabelana ngesiteji, babonise imisebenzi abebesebenza kanzima ngayo eminyakeni edlule. Lokhu kuzoba yithuba elihle entsheni efisa ukufunda nokukhula njengabaculi beshashalazi abaqeqeshiwe.
Abahleli bathi bonke abasafufusa kwezeshashalazi bayamenywa.
“Le festival yithuba elihle lokuthi intsha ifunde, ikhule futhi ibonise ikhono layo. Sifuna ukugubha abafundi bethu kanye nohambo lwethu kwezobuciko,” kusho abakwa Ikabawo Projects.
Ukubhalisa:
Ukuze ubhalise noma uthole imininingwane eyengeziwe, thintana no-Sandy ku- 067 273 4547
Ungaphuthelwa! Wozani nizogubha amagugu ethu ngomculo, umdanso neshashalazi.
