UMasiipala weTheku usuthathe izinyathelo kwelama Maphoyisa Omkhandlu
1 min read

UMasiipala weTheku usuthathe izinyathelo kwelama Maphoyisa Omkhandlu

Intatheli Norma Duma

Ngomhlaka 2, September 2026 uMasipala wase-Thekwini ubize isithangami sabezindaba, ukuzobhunga ngodaba olusematheni lokuqashwa kwamaphoyisa akaMasipala.

Kuvumbuke izinsolo zomkhonyovu nokwenzelela ekuqashweni kwamaphoyisa kaMasipala.
IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbele, ubize isithangami sabezindaba ukuze acacisele amalungu abezindaba kanye nomphakathi ngezinyathelo ezithathwe yiDolobha zokubhekana nezinsolo zokuqokwa ngendlela engafanele emaphoyiseni kaMasipala.

IMenenja yeDolobha ikuqinisekisile ukuthi kunemibiko emibili ehlanganiswe yi-Integrity and Investigations Directorate yeDolobha, ephenya ngezinsolo zokungahambi kahle ngokuqashwa kwamaphoyisa kaMasipala.

Umbiko we-Nexus, owaphothulwa ngo-2020, uphenye ukuqashwa kwabantu ababili okwenziwa eminyakeni yezimali zika-2017/18 kanye no-2018/19. Umbiko uhlabe umkhosi ngokuqokwa kwamaphoyisa amane ngokuthi akulandelwangwa imigudu efanele.

Umbiko wesibili, i-Isiqu Report, uphenye izinsolo zokungahambi kahle ekuqashweni kwamaphoyisa ngonyaka wezimali zika-2023/24. Umbiko uphakamise izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe ezikhulwini ezine: Isikhulu esigunyaziwe, izikhulu ezimbili zeHuman Capital kanye nesisebenzi seBusiness Support.

Umbiko uqhube wathi u-R420 000 kusolakala ukuthi ushintshisane ngezandla, amalungu omphakathi kuthiwa aqolwa ngomunye wabasebenzi abamisiwe ngemuva kokuthenjiswa imisebenzi engazange yenzeke.

Icala lobugebengu selivuliwe nomyango wama phoyisa I SAPS (CAS 521/1/2026).
Ekhuluma ngesikhathi kuqhubeka isithangami, iMenenja yeDolobha iqinisekise izakhamuzi ngokuzibophezela kweDolobha ekwenzeni izinto obala kanye nokuphatha kahle nangendlela okuzoqhutshwa ngayo izinhlelo zokuqasha. “Uma into ibukeka njengokukhwabanisa futhi inuka njengokukhwabanisa sivula zonke izinhlaka zomthetho ukuze zibhekane nakho,” kusho iMenenja yeDolobha uMnu Musa Mbele.

UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala, uMnuz Sbonelo Mchunu, unxuse amalungu omphakathi ukuthi axwaye abakhwabanisi abazenza izikhulu futhi acele ukugwazelwa ngesithembiso esingamanga sokubatholela imisebenzi emaphoyiseni.

Amalungu omphakathi aphinde axwayiswa ngabasebenzisi benkundla yezokuxhumana abangaziwa abasabalalisa imininingwane engamanga okuhloswe ngayo ukudicilela phansi isithunzi seDolobha ngezicelo ezingenabufakazi zokuthi izigidi zamarandi zikhokhelwa imisebenzi.

Izakhamizi zikhunjuzwa ukuthi imisebenzi eDolobheni ayidayiswa, futhi ziyanxuswa ukuthi zibike inkohlakalo esolwayo ku-Integrity and Investigations Directorate Inombolo yamahhala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *