Abasebenzi bakwa Mandlethu Projects baqhwashiswe nge Metal Health
1 min read

Abasebenzi bakwa Mandlethu Projects baqhwashiswe nge Metal Health

Intatheli Norma Duma

IMandlethu Media iqoqe bonke abasebenzi baka Mandlethu Projects e-Stable Theater ngomsombuluko 7, September 2026.

Inhloso yalomcimbi ukuqwashisa abasebenzi ngokubaluleka kwe metal health. UNks Fundi Mahaye okunguyena owafikelwa ilomubono wokuthi kube nosuku lapho abasebenzi bezocijiswa ngokubaluleka kwe metal health. Uthe ziningi izimo ezibuhlungu abasebenzi abadlula kuzo emakhaya nase msebenzini, kungekudala nje nathi lana eMandlethu sivelelwe umshophi kwadlula emhlabeni elinye ilunga leseMandlethu kwabanzima kuwo wonke umuntu, akungcinanga lapho nami bengifihla isihlobo sami ngempela sonto, Loluhlelo lanamuhlanje lube usizo kakhulu ikakhulukazi thina esishonelwe, sifundile saphinda sathola nolwazi lokuthi usizo ulithola kanjani nabantu abaqeqeshiwe ukunikezela ngo sizo efonini.Ngiyajabula kakhulu ukuthi lol usuku lube yimpumelelo kusho uFundile Mahaye.

UNks Sindi Dlamini ehambisana nozakwabo uMnuz Simiso Ndebele abango sonhlalakahle abagunyaziwe, ababuya kwa Health Systems Trust (HST) bangeqe amagula bashiya abasebenzi bebambe ongezansi ngolwazi nangezindlela zesimanje manje zokuthola usizo efonini. Bachazele abasebenzi nge metal health, nokubaluleka kokuzinakekela. UmaDlamini ube esefundisa abasebenzi ukuthi usizo ulithola kanjani kumakhala ekhukhwini wakho, Uthe kunosonhlalakahle nabahlengikazi abaqeqeshiwe, nabalindele ukusiza abantu abahlukumezekile emoyeni nabadinga ukukhuluma no muntu, mese kuba abadinga usizo nokwelulekwa ngezempilo. Lonke lolusizo ulithola efonini yakho. UMnuz Ndebele yena uthe kubalulekile ukuzikhetha wena kuqala, ngoba ngeke ukwazi ukuthela kwenye inkomishi ngenkomishi engena lutho. Ube eseqhwashisa abantu besilisa ukuthi bangafakwa abantu besifazane abanobudlelwane nabo ingcindezi, umuntu azibone esekhipha anganakho ngenxa yothando. Ukuba nophathina odimandayo uyakwenza ungcine usunokhwatalala.

Usuku luphele kamnandi abasenzi bejabulile, baphinda bsthola ithuba lokubuza imibuzo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *