
Intatheli: uMsawenkosi Mpofana
Ukukhala, ukuzisola, ukubalisa bekulokhu kuphindaphindwa njalo ngowesifazane oshonelwe ingane yakhe esematshwaleni.
Owesifazane bekhale ngokunomunyu lapho ethola ukuthi indodana yakhe uThandeka Mthethwa(2) ushiswe ngamanzi abilayo washona. Kwenzeka lesenzo nje unina uPhindile Khanyile usendaweni yokucima ukoma , lowesifazane olinganiselwa kuminyaka eko 40 kubikwa ukuthi uyazifela ngezinkambi zikaFaro.
Umakhelwane wakhe uNkz Nobuhle Dinga uthi wezwa ngesililo sika Nandi sezingane zizodwa, wagijima uma efika endlini, umfana ulele phansi uyaquma eduze kwakhe kuneketela lamanzi azithele ngawo. Udadewabo ababehlezi bobabili, naye ekhala ngoba wawathola amachaphazelo okusha kodwa wasinda yena, ethi umfana udonse intambo yeketela elinamanzi abilayo lawela phezu kwabo belele.
Kube ubutatata ke lapho sizama kufonela unina ucingo luvaliwe, isebusuku ama ambulensi awatholakali kalula, kuchaza umakhelwane, umfana waquma kwaze kwamanela. Unina ufika ekuseni sezithela kulomshophi wakhala ezimboqa ebiza ngokuphindelela igama lomfana kungasekho kubuyela emuva.
Impilo yomuntu injengamanzi achithwa emhlabeni angenakuqoqwa.
