IBASHIYE BEGCWELE UMOYA KANKULUNKULU INDUMISO KA-DUMI MKOKSTAD
1 min read

IBASHIYE BEGCWELE UMOYA KANKULUNKULU INDUMISO KA-DUMI MKOKSTAD

Impela kuyiqiniso ukuthi into kaNkulunkulu uma ibekwe phezu kwakho akekho umuntu ongakuphuca yona. Mina impela ngize ngasola ukuthi uDumi Mkokstad ubuye ahlale nezingelosi. Bengiqala ukubona umcimbi unezihlalo kodwa kubukeka sengathi abantu bazidubile izihlalo bathi “THINA SIZE KU-DUMI LA, ASIZILE UKUZOQHETHA”

Abantu kade begcwele kuvalwe ngomuntu emnyango endaweni yase ICC enkabeni yedolobha, okungenye yezindawo enkulukazi futhi ehlonishwayo eNingizimu Afrika. Kodwa lokhu kusikhombisile ukuthi uMfoka Mkokstadi uTHixo ubehleli endumisweni yakhe, abantu bame ngezinyawo bekhuphuka nendumiso, waze waphela umcimbi belokhu behube njalo kanti lomcimbi Ubuhanjelwe nayizicuuthwane zamaciko eszimkantshubomvu kulendima yomculo. Kanye nabasakazi boKhozi, Highway Radio 101.5fm, IGAGASI, kanye neminye imisakazo.

Kunabaculi uMkokstadi kade eshiyelana nabo inkundla, lokho kukhombisile ukuthi into yobunye endimeni yomculo wokholo uDumi Mkokstad uyiqhqkambisa kakhulu.

Kubonakale uMfana oseMncane ogama lakhe uSbonga, lowamfana usishiye sikhala izinyembezi. Kuthe sisadidwe uSbonga awsuka madoda yangena i-Mini Cooper uNomini wasixebula ngamanoni akhe, sisamangazwe yilabantwana kwangena uSindi Ntombela, YOOOoo bese kuphele amathishu sikhala izinyembezi. Kanti asibuzanga elangeni, sisazokhala ngampela, kwangena ubaba uTimoty Myeni we-Christ Ambassadors.

Impela abalandeli bakaDumi nabathandi bomculo wokholo abazisoli nakancane ngokuba kulowamcimbi. Ngingeke ngikulibale ukuthi kunento ekwenza uzibuze imibuzo mase uyabona ukuthi, HHAAAAAY NO, ANGIYISHIYE KANJALO…

UMALUME, DJ TIRA ubengomunye wabahambele lowamcimbi, futhi ubuzibonela ukuthi udele konke abekwenza wahlala ebukhoneni benkosi wazanelisa ngendumiso yaze yaphela ekhona.

Amazwi kaDumi okubonga, ubalule abaxhasi okubalwe phakathi ne Highway Radio 101.5FM, wangagcina lapho kodwa wabalula negama leNzonzomane “Nzonzo” Ntombela ongumsakazi kulomsakazo, aphinde azoba uNobhala omkhulu weZinohlonze Newspape

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *