Zibambane Ngesihluthu Kowethala eMadadeni Kuvela Ukunganeliseki Ngemiholo
1 min read

Zibambane Ngesihluthu Kowethala eMadadeni Kuvela Ukunganeliseki Ngemiholo

Intatheli ngu-Msawenkosi Patrick Mpofana

Isigungu esikhulu seThala Bank sisemkhankasweni wokuhambela bonke abazuza uxhaso kulo, njengosomabhizinisi abancane nabazimele. Kusukela unyaka uqalile, le inyanga yesithathu bejikeleza ukuzobheka nobuqinisekisa amakhasimende (clients) abo ngokusebenzisana kwawo nomphakathi.

Izolo bebehambele eNewcastle, eMadadeni, okuyilapho bazithele khona kuyigxukuxali ebebengayilindele. Lokhu kwenzeke lapho uMnu Mvelase, ongaphethe lo msebenzi (manager), eveza ukuthi umsebenzi WONKE uhamba kahle, kodwa banenkinga yokulibala kwamaholo (delayed salaries).

Uveze ukuthi abazi ukuthi lokhu kubangelwa yini, ngoba isivumelwano sasithe njalo uma kuphela inyanga bathola iholo labo, kodwa sekuze kwaba izikhathi amaningi bethola iholo sekuze kwadlula nosuku lwe-15 lwenyanga elandelayo. Bamangele kakhulu abeThala, baveza ukuthi bona bayifaka kusenesikhathi imali kanti abazi ukuthi ibambezeleka kuphi, kodwa bazolandelela ukuze bathole imbangela yokulibala kwamaholo.

UMnu Mvelase ubethulele yonke indlela abasebenza ngayo nabasebenzisana ngayo nomphakathi, izikhungo zokuqeqesha abaqhubana nazo, ukubhekelela abaphila nokukhubazeka, uhla lwezimali ezisetshenzisiwe nezisalayo, kanye nenzuzo abayenzayo.

Zizwakalise ukweneliseka izikhulu zeThala, zaveza nokuthi kumele indlela abasebenza ngayo bacobelele nezinye izikhungo ngoba umsebenzi wabo kubonakala umuhle ngohlobo olumangazayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *