Kusungulwe ipheji lika Youtube E-MUT.
1 min read

Kusungulwe ipheji lika Youtube E-MUT.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana

Libe likhulu kakhulu isasasa kuvulwa ikhasi le-YouTube waseMangosuthu University of Technology (MUT), la isikhungo sizoqhakambisa khona imisebenzi esiyenzayo, siyenzela isizwe nomphakathi kanye nabafundi abenza iziqu zabo ngokwehlukana kwemikhakha yabo.

UProf. Songca, ongumphathi wesikhungo, uveze ukuthi iyabahlupha lento yokungaziwa besebenza kangaka ukukhiqiza onjiniyela nodokotela abahlukene ngemikhakha yabo. “Sizinqumele siyithimba lalelisikhungo ukuvula leli khasi eliveza ucwaningo lwemisebenzi namakhono esisiza ngawo abafundi, okuzosiholela nokuthi singene nasemphakathini ukuxhasa nokwelekelela labo asebeqalile ukuzenzela umsebenzi wezandla, onjengokulima nokufuya,” echaza.

Uqhube wathi bazophuma umkhankaso bahambele osomabhizinisi abangomakhelwane nesikhungo, okuzokwenza ikhasi likhule ngamandla. Ucaphune amagama esilungu ethi “charity begins at home”. Usigxekile isenzo sabafundi abaqeda izifundo zabo bahambe bayoduma kude, engabe bahlala lapho befunde khona ukuze bahehe nabanye abafundi bakude, bafise ukuzofunda la eMUT.

UProf. Maphalala yena ugqugquzele abacwaningi ukuba bangagcini namhlanje, kodwa baphumele emphakathini nasezinkampanini eziseduze beyoqhakambisa umsebenzi waseMUT, babatshele nangekhasi abazolandelela khona ukubona umsebenzi abawuyenzayo. “Umphakathi ofuyile bazowuhambela beyisikhungo siyobasiza kwabafuyile ngokubanikelela ngezithombo noma amazinyane ukwandisa isiqalo sabo,” kuchaza uMaphalala. “Izinkampani ezinkulu njengoToyota, sizohambisa abafundi bethu bayokwenza umsebenzi wezandla bese sithatha izithombe sizifake kwikhasi lethu.” Uqhube wachaza nokuthi nabazimele bazohlomula kulomkhankaso wakamuva, ukukhula nokusizakala kwabo ukuvela nokugqama kwekhasi lethu.

UProf. Mkhize ubongele bonke abakwazile ukwenza lolu cwaningo lwadlula emehlweni kuMphathi. “Silindele lukhulu ikakhulukazi kwabazolandela ithimba lokuqala kulelikhasi,” uMkhize ebonga. Ubonge nokusebenzisana koProf, Dr nomafundisi besikhungo esiphezulu, phecelezi amagoli/abahlahlandlela (Lecturers), kulomkhakha ongalula neze, kodwa ukubambisana kwenze umsebenzi walula.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *