

Intatheli: Musawenkosi Mpofana
IsiZulu sithi inkunzi isematholeni, lokhu kufakazelwe uDr. Jady Dlamini owafunda kulesikhungo eminyakeni eminingi eyedlule ngo1985, nokunyaka aphothula ngawo iziqu zakhe zobuDokotela kulesikhungo.
Ubekhuluma ebhekise kubafundi ebebezozihlomulela ngezindondo nezitifiketi ngokwenza kahle ukugcina imifundaze yabo ebikhokhela isifundo zabo.
Kubeyimpunelelo enkulu kubafundi base University of kwaZulu Natal (UKZN) ngoLwesine lapho iziphathi mandla zesikhukho zase-UKZN bezamukelisa abafundi abenza iziqu zokudokotela nezahlomula ngemifundaze kwimikhakha yabo eyahlukene. UDr Jady Dlamini uchaze ngokubaluleka kokusebenza kanzima uma ufunda kulesisikhungo nakulomkhakha. “Mina ngaqeda iziqu zami zobuDokotela kuso lesisikhungo sisabiza ngegama elidala. Manje nina ninenhlahla nifunda sekwaba khona imifundaze, ingakho sinqume njengesikhungo kuzonikomelisa ngalemikomelo esinibekele yona.” Kusho uDr Jady Dlamini.
Kube sekubizwa abafundi ngokwehluka kwemikhakha yabo bemukeliswa izetifikethi ngokokusebenza kwabo. Umfundi nomfundi ubehamba nabazali noma abaphathi bakhe ukuzoqinisekisa inzuzo yabantwana babo. Lokhu kube isikhathi esihle kubafundi bebona inqubekela phambili kwezingane zabo.
Umzali womfundi oyedwa u Mnuz Keryn Lynne injabulo ibibhalwe emehlweni ngohlelo olungajwayelekile lokubongwa kwezingane zabo ngesenzo esihle sokuphumelela kumsebenzi wabo wesikole.
Umfundi obuya eMzimkhulu, uSiphokazi Mjoli ubejabule kakhulu ngaloluhlelo, nabazali babo bazoyibona into abayenzayo njengoba beqeqeshelwa iziqu zobuDokotela kwesikhungo sakwaZulu Natal.
Bathathe izipho zabo kwabizwa abazali nabafundi noDokotela asebaphothula kulendima yozobudokotela, kube sekuthathwa izithombe, kwabe sekufinywa ngendololwne emva komcimbi kwabe sekuhlukwana ngezindlela.
