19 October, 2026
1 min read

UDladla usola ukudideka kwabadlali ngokushaywa kwe-Arrows

Intatheli: Sthembiso Ngobese UBONA bedidwe yimithetho yomqhudelwano weMTN 8 abadlali bakhe, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uPitso Dladla ngemuva kokuba bekhishwe kulo mqhudelwano yiMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili wamaSemi-final obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngempelasonto. Emdlalweni wangempelasonto iSundowns inqobe ngo 3-2 wamagoli ashaywe nguCassius Mailula, uMarcelo Allende no-Antonio Van Wyk. Kanti awe-Arrows wona abekwe enethini nguJunior Dion […]

1 min read

KUMILE NSE UKUFUNDA NOKUFUNDISA EMLAZI TVET UMBHIDLANGO WABAFUNDI

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Kume nse ukufunda nokufundisa ngoLwesihlanu ekuseni, kuvalwe amasango eMlazi cCoastal College, izingane zagaleleke nababhodi ezandleni ziletha izikhalazo zazo. Kumile ukufunda eMlazi TVET, oThisha baqhinqe ngaphandle kanye nezingane, kubangwa indaba yomsebenzi wokulungiselela ukuyothweswa kweziqu. Uzokhumbula ukuthi kulezikhungo eziqeqeshela amakhono phecelezi amaTVET, ngaphambi kokuthi uthweswe iziqu, umfundi kumele ayokwenza uqeqesho endaweni yokusebenzela (practicals), ezinkampanini […]

1 min read

I ACTION SA IMEMEZELA EZOFOLOSA NGAYE KWESOBU-MEYA

Intatheli: Norma Duma I-ActionSA yethule ngokusemthethweni abazongenela amakhansela ezigceme futhi yamemezela uSipho Zungu njengozongenela isikhundla sokuba yiMeya kuMasipala wendawo KwaDukuza ngaphambi kokhetho loHulumeni masekhaya. Ukwembulwa kwagqamisa ukuzibophezela kwe-ActionSA ekuletheni ubuholi obuthembekile, obuziphendulela kanye nobuqhutshwa yinkonzo kubantu baKwaDukuza. Ngihlonipheke kakhulu ngokuqokwa njengelungu leMeya ye-ActionSA KwaDukuza, futhi ngiyabonga ngokuzethemba ubuholi beqembu namalungu akubeke kimi. Ngiwamukela lo mthwalo […]

2 mins read

UWillie Mtolo – Kusukela ekuhlukanisweni kwezemidlalo kuya ekubeni ingwazi ethola i-Green Jacket ehloniphekile

Intatheli Norma Duma Igama lika William Bhekizizwe Mtolo alidingi chaza eliningi emhlabeni we-athletics eNingizimu Afrika. Ungomunye wabasubathi abakhulu kakhulu esake saba nabo, indoda eyayijima ngenhliziyo enkulu ngenkathi izwe lisavaliwe emhlabeni. UWillie Mtolo wazalwa ngo May 5, 1964. Waziwa njengomncintisani we-marathon owayedume kakhulu, owake wawina i-New York Marathon futhi waba ngowesibili kabili ku-Comrades Marathon. Impilo yakhe […]

2 mins read

Kubungazwe Umntwana wakwa Phindangene.

Intatheli: Norma Duma Siphume ngobuningi baso isizwe emgubhweni wokukhumbula nokuqhakambisa impilo nengqalasizinda eyashiywa uMntwana wakwaPhindangene, uNkosi Mangosuthu Buthelezi. Lomcimbi uhlelwe ngenhloso yokubungaza impilo nomsebenzi wako Mntwana njengoba kubungazwa usuku lwakhe lokuzalwa. Usuku luhambisane namazwi okuncoma nemifanekiso emikhulu yengqalasizinda ayishiya phansi. UMeya weSifunda iZululand, uKhansela Khumalo, uthe bayamkhumbula kakhulu uMntwana ngamagalelo akhe ekwakheni isizwe sakwaZulu. Ngasohlangothini […]

1 min read

Uzwakalisa ukungeneliseki ngo COGTA

Umbhali: Nobuhle Dube Oyintatheli ye Ezinohlonze Media Group exoxisana noMnumzane Mthethwa uzwakalise amazwi angemnandi neze ngokusebenza kuka-COGTA, kodwa ubeke kanje: Mina nginguSphiwe wakwaMthethwa. Sinesikhalo ngo-COGTA okhona manje, esingasinakile mayelana nobukhosi bakwaMthethwa. Lokhu kusixaka kakhulu njengamanje, ngoba baningi abazibiza ngokuthi bangamakhosi akwaMthethwa, ekubeni bengawulandelanga umlando wasekhaya. Indlu ebihlezi esihlalweni sobukhosi ibiyazi kahle indaba yokuthi ihlezi esihlalweni […]

1 min read

Uphelezelwe ngesizotha nenhlonipho uGogo Thoko Majola

Intatheli: Sbusiso Mkhize Abnantu abawuvali umlomo ngabakufithe enkonzweni yokugcina kuphelezelwa uGogo Thokozani Majola. Impela kuliqiniso ukuthi umuntu ungamehluleli ngaloko okubona kulingene amehlo nengqondo yakho, ngoba uNkulunkulu akabhekinjengoba abantu bebuka. Kumangazile ukuzwa abefundisi abahlukahlekene beveza umuzwa ofanayo ngoGogo Thoko. Intatheli ye Ezinohlonze icaphune uMbhishobhi uNgcongo webandla le Izenzo ZamaPhilip ebaka kanje: UGogo Thoko ngizokhuluma ngesibindi ngoba […]

1 min read

IMOTO BEZINTANTA EMANZINI KWINKABA YETHEKU.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Abantu eThekwin bebekhala ubumayemaye kuvimbanise emanzi emgwaqeni omkhulukazi u Anton Lembede owaziwa ngo Smith street. Kuqhume iPayipipi elikhulu elidabula lomgwaqo laphazamisa ukuhamba kwezimoto ezehlayo zibheke emakethe. Uma sisondela kwababeseduze kwenzeka bathi kuvele kwanokuduma okukhulu okuvale izindlebe, kuthe kungazelele kwaqhuma isiphethu samanzi esivalweni sesitamkoko savimbanisa umgwaqo. Lesibhedu senzeka ezintanta kuzokusa kube ulesihlanu mhlaka […]

2 mins read

U-Ouaddou uncoma abadlali abasha beOrlando Pirates

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Adeslam Ouaddou, uthi uhlabeke umxhwele ngebhola elinenkosi phakathi elikhonjiswe ngabadlali bakhe abasha abasanda kujoyina eZimnyama kusizini ka-2026/27. U-Ouaddou odabuka eMorocco, ukusho lokhu ngemuva kokuba iPirates izibekisele indawo emdlalweni wamanqamu womqhudelwano weMTN 8. Kanti leli qembu lase-Orlando likwenze lokhu ngokuguqisa emdlalweni wamaSemi-final iSekhukhune United ngo 3-0 e-Orlando Sports Arena, eSoweto, […]