20 October, 2026
1 min read

Abelaphi bendabuko beqembu leMK baqale phansi bathi umfundisi ulindwa ngeculo

Intatheli: Alex Hlabani USihlalo kazwelonke, uDr Khehlelezi, uthe ucela ukuthi kubuyelwe ensimini. Uzohola ngokuba yisibonelo. Ngolwesithathu uqale uhlelo olukhulu kakhulu lwabelaphi bendabuko eGauteng. Namhlanje bekunolunye esifundeni saseThekwini, sibonga isekela nobhala weTheku, uMholi uSya Mchunu wesifunda saseThekwini ngokuvela, ngempela uhlelo lwabo lube yimpumelelo. Sibonga kuDr Mzimbokhalimali kanye nesakhiwo sesifundazwe sabelaphi, nesakhiwo sesifunda sabelaphi. UMengameli wabefundisi, uMfundisi […]

1 min read

Kusungulwe ipheji lika Youtube E-MUT.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Libe likhulu kakhulu isasasa kuvulwa ikhasi le-YouTube waseMangosuthu University of Technology (MUT), la isikhungo sizoqhakambisa khona imisebenzi esiyenzayo, siyenzela isizwe nomphakathi kanye nabafundi abenza iziqu zabo ngokwehlukana kwemikhakha yabo. UProf. Songca, ongumphathi wesikhungo, uveze ukuthi iyabahlupha lento yokungaziwa besebenza kangaka ukukhiqiza onjiniyela nodokotela abahlukene ngemikhakha yabo. “Sizinqumele siyithimba lalelisikhungo ukuvula leli khasi […]

1 min read

Ukwethulwa kwezincwadi ezintathu zikaThabani Zungu

Kube yisuku elingalibaleki nesenzakalo esiyingqayizivele e-Pavilion Exclusive Books ngesikhathi umbhali ophumelele, uThabani Zungu (TA Zungu), ethula ngokusemthethweni izincwadi zakhe ezintathu ezintsha sikhathi sinye. Umcimbi ubuhlelelwe ngobunono obusezingeni eliphezulu kanti uhlanganise abathandi bezincwadi, abaholi bemiphakathi, nababambiqhaza abahlukene. Lomcimbi obunomdlandla omkhulu nezinselelo zengqondo, ubungenelele ngenjongo yokugubha amagalelo ababhali bendawo kanye nokubonga bonke abafake isandla ukuze lomsebenzi omkhulu […]

1 min read

Kuvuleka isahluko esisha ubumbano lwelizwe lwakhiwa ngomnyakazo we-Sizala Isizwe

Intatheli: Ngunobhala jikelele we-Ezinohlonze Media House uDr Dennis “Nzonzo” Ntombela Ukuzalwa kwelanga elisha nesahluko esisha sokwelapha amanxeba eminyaka ezweni lakithi. Ihlandla elisha lomzabalazo wokuhlanganisa abantu base-South Africa seliqalile, kulandela ukusungulwa kwenhlangano engahlangene nezombusazwe ebizwa nge-Sizala Isizwe. Le nhlangano, eyasungulwa ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) 2025 nguDkt. Taki Dube, inhloso yayo enkulu ukucekeceka imingcele yamadlozi, amasiko, izinkolo […]

1 min read

UHoosen uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize

Intatheli: Brenda Gumede Ozongenela isikhundla sokuba yiMeya yeTheku ngeDemocratic Alliance (DA), uHaniff Hoosen, uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize, kodwa kumele kube yisiqalo sokuthi umphakathi wase-Adams uthole ubulungiswa kanye nezidingongqangi ezifanele. UHoosen, ephelezelwa umholi we-DA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uvakashele umndeni wakwaZungu ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo kulandela ukushona kukaCelani, oshayiswe iloli elithwala amanzi ngoMsombuluko ekuseni. […]

1 min read

INKAMPANI ENKULU YEZOKUHWEBELANA EYAZIWA NGE-NTT AND RNK KUSE INGEKHO (IBHANOYI LINDIZILE)

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Bakhala bezithulisa abahwebi bakwaRNKB emveni kwemibiko eshaqishayo yokundiza leBhanoyi ebeselizenzela igama elikhulu ngokushintsha izimpilo zabantu. Iningi labo basebeshiye phansi umlungu ngesiqibulo esithi “YINJ’ UMLUNGU”. Kubukeka bezothintitha izicelo zemsebenzi bayongqongqoza njengoba bathenjiswa kuqala kwalenyanga ukuba bazokwazi ukukhipha izimali zabo ebesezivaleleke isikhashana kungawithdroweki, bethenjiswa umhlaka 30 July 2026. Namhlanje kuse kumhlophe omakhala ekhukhwini kungasekho […]

1 min read

BEKUGCWELE, UMPHAKATHI UBULALA INYOKA ENKANDLA KUZOVULWA AMAHHOVIZI AWOSOMABHIZINISI ABANCANE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Umphakathi waseNkandla namaphethelo ubuphume ngobuningi bawo ngesikhathi uMnumzane uMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ehambisana no-MEC uMhlonishwa uM. Meyer bezovula ngokusemthethweni amaHhovisi la umphakathi uzozithuthukisa khona kwezamabhizinisi asafufusa. uMhlonishwa u-MEC weZomsebenzi nAmasiko ukuqinisekisile ukuthi umphakathi uzihlomulele ngamahhovisi amangaka emveni kokusebenza kanzima kwengxenye kuhulumeni ukubalekelela ukwakhiweni kwawo. Lokhu okuvele ezoba usizo kakhulu, bheka ngoba […]

1 min read

Ukhwele wadilika uNgqongqoshe kugqoza isakhiwo sesikole

Intatheli: Norma Duma Ungqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMartin Meyer ukhwele wadilika ngokugqoza nokuhamba kancane kwesakhiwo sesikole eWaterloo eThekwini kuWard 106. Lesi sikole samabanga aphansi saqalwa ukwakhiwa ngo-2023 kulindeleke ukuthi siphothulwe, kuphinde kuqalwe ukufunda ekupheleni kuka-August nonyaka. Ungqongqoshe uzwakalise okukhulu ukudumala ngesikhathi evakashele lesi sakhiwo ukuyohlola inqubekelaphambili, nakuyilapho uthole khona ukushaqeka ngakubonile, isikole iSibonginhlanhla Primary siseku-80% […]

1 min read

Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni

Intatheli: Norma Duma UNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelika “Phakelumthakathi”, ugasele nethimba lakhe eKing Dinizulu Park lapho sekuyikhaya labantu abahlala emigwaqweni nabaziwa njengama “phara”. Inhloso yalombidlango ukukhuculula leya ndawo, nokuhlinzeka ngezinsiza kubahlali. Ithimba lifike laqoqa imfucuza lashanyela kahle, nemoto yakwamashipala ethutha udoti ibithutha iphindelela izinkumbi zikadoti. Abanye babahlali bathole ukugudwa emakhanda njengengxenye yokuletha usizo. Amaphoyisa abeqaphile ukuthi […]