18 October, 2026

News

1 min read

UNdunankulu ukonelise abasebenzi ngezindondo

Intatheli: Norma Duma IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal lizishaya isifuba ngokwenza kahle ngokubona abaqokwe nabavelele emikhakheni yonke, okuhlanganisa i-CEO yonyaka, Inhloko yoMnyango wonyaka, Imenenja kaMasipala yonyaka kanye nesisebenzi sonyaka. Lendumezulu yomcimbi wemikomelo eba khona njalo minyaka yonke, nakulonyaka izinga beliseqophelweni eliphezulu njengoba bekukhona nokhaphethi obomvu lapha e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC). UNdunankulu ubonge waphinde wakhuthaza […]

2 mins read

Kwethulwe ngokusemthethweni I Dundee July 2026

Intatheli: NguNorma Duma Kubanjwe isithangami sabezindaba kuMasipala waseMandeni ngaphansi koMkhandlu weSifunda uMzinyathi. Inhloso yalesi sithangami kube wukupeqa amagula ngomcimbi omkhulu womtelebhelo wamahashi ozoba ngomhlaka-18 kuNtulikazi. IMeya yase-Endumeni, uKhansela Mcebo Mkhize, udalule izinhlelo zalonyaka mayelana nalo mcimbi omkhulu. Kulonyaka kuzobe kugujwa iminyaka engamashumi amabili nanye (21) lo mjaho wasungulwa. UKhansela ukuqinisekisile ukuthi yonke into isimi ngomumo, […]

1 min read

I Hollywood Durban July igubha iminyaka engu 130

Intatheli: NguNorma Duma I-Hollywoodbets Durban July kanye ne-Racecourse ibambe indumezulu yomjaho wamahashi odume umhlaba wonke jikelele. Izinkulungwane zabantu beziphume ngobuningi ukuzothamela lo mjaho wamahashi i-Durban July eyasungulwa ngonyaka ka-1897, kanti kulokhu ibigubha iminyaka engu-130. Ihashi elidle umhlanganiso ngu-Note to Self, ebeluyimfivolithi lifunwa ngabaningi, kanti beligitshelwe nguRichard Fourie. Leli hashi elineminyaka emithathu vo ligile izimanga enkundleni […]

1 min read

IKhansela le-IFP ligxeka ukusetshenziswa kwesiNgisi emhlanganweni woMkhandlu e-ICC

NguMsawenkosi Patrick Mpofana Uzwakalise ukungenami uKhansela Thando Mchunu ngokusetshenziswa kolimi lokubolekwa (isiNgisi) kuphela emhlanganweni ohlala kabili enyangeni wamakhansela aSeThekwini namaphethelo. Lokhu ukuveze ngesikhathi enikezwa umbhalo we-ajenda obuhleliwe, ekhasini 121 (of 5.1), ukuthi achaze ngawo. Uqale ngaso belu isiNgisi, kodwa okuthe maphakathi nenkulumo yakhe, wangena kumageba (isiZulu). Lokhu kwenze ukuthi kube nengxokozelo emhlanganweni, kwazise izinhlanga ezisuka […]

2 mins read

Umangaze umhlaba Mnu TA Zungu ekhiqiza izincwadi ezintathu ngesikhathi esisodwa.

Owokudabuka eMpangeni ngokuzalwa uMnu Thabani Abrahama Zungu, imisakazo kanye nezinye izinkundla zokuxhumana zimufuna ubuthaphuthaphu, ungena uyaphuma emisakazweni ehlukene bafuna ukuthola ukuthi wenze kanjani ukufinyelela kulelizinga lokukhipha izincwadi ezintathu(3) ngesikhathi esisodwa. Intatheli: Sbusiso Mkhize.Sithe umasihlala phansi nomfoka Manzini sifisa ukuthola ukuthi yini lena ebimgqugquzela kangaka ukuthi athi nje eqala ekhiqiza incwadi wabe esesukuma nezintathu ngesikhathi esisodwa. […]

1 min read

USUKU LWESIKHUKHULA: ‘UPhakelumthakathi’ Nemashi Yasemalungeni Bafunga Ukugcwala Izinkundla Njalo NgoLwesine

Ezinohlonze Reporter Inhlangano i-March and March, eholwa ngu Jacinta Ngobese Zuma ngokulekelelana noMnu “Phakelumthakathi” Ndabandaba, imemezele ukuthi izobamba iziteleka njalo ngosuku loLwesine ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Lokhu kudalulwe esithangamini nabezindaba esibambe umoya, kulandela imashi enkulu edle ngomoya wokuthula eThekwini emayelana nezokufika kuleli ngendlela engeyona emthethweni. Nakuba umbhikisho ubunokuthula, idrama ingasalanga ngaphandle. IMeya yaseThekwini uCyril Xaba nePhini […]

1 min read

UMEYA WETHEKU UKHWEZELWE UMLILO ESIGCAWINI SEMASHI

Intatheli: Msawenkisi Mpofana Kuthe lapho umashi uya ngasekupheleni, kusuke isidumo esikhulu ngesikhathi umethuli wezinhlelo (u-MC) ebiza izikhulumi ebezihambele lo mbuthano. Kuthe lapho kubizwa uMeya weTheku, uMhlonishwa Cyril Xaba, isixuku samemeza ngazwi linye sithi, “ASIMUFUNI LOWO!” Kube sekucaca ukuthi bekuzochitheka okugayiwe uma engase anikwe ithuba lokukhuluma nalesi sixuku sabamashi. Lokhu kwenze ukuthi, ngesikhathi eseyosayina incwadi yezikhalo […]

1 min read

TA ZUNGU WETHULA IZINCWADI EZINTATHU

UMBHALI nomholi ohlonishwayo, u-TA Zungu, ulungele ukwethula ngokusemthethweniizincwadi zakhe ezintathu ezintsha ezilindelwe ngabomvu, emcimbini omkhulu ozobaseMhlanga ngomhlaka 30 July 2026. Intatheli Sbusiso MkhizeEminyakeni eminingi edlule, uZungu ubenesifiso esijulile sokubhala nokushicilela izincwadi ezizoba yisisekelosokukhuthaza, ukufundisa, kanye nokushiya umthelela ongapheli nongaguquki ezimpilweni zabantu.Lokhu kuqalenjengephupho nje elihlanganisiwe laphinde labunjwa yizinto ayehlangabezana nazo empilweni, izinselelo zomhlaba, ukholo oluqinile, kanye […]

2 mins read

KUVUTHE AMALANGABI ETHORWOOD HALL: INTSHA YAKWAZAYONI IVUSELELWE NGEZINGA ELIPHEZULU EMBUTHWENI WE-IZCG

Ubuhle Nokuhleleka Kwe-Poster Yomcimbi Uma ujulisa amehlo kwi-poster ebihambisa lo mshado wokomoya we-Izenzo Zamaphilip Church (IZC), ubona ubuchwepheshe nezinga eliphezulu kakhulu lokukhangisa (graphic design). Ukuhleleka kwezithombe zabashumayeli nabahloli bomoya, imibala eluhlaza egqamile emele ifulegi nebandla laseZayoni, kanye nokubhalwa kwemininingwane ngendlela ecacile, kushiye umyalezo wokuthi lo mbutho bewungesona isiponji nje esijwayelekile. I-poster idale isithombe somcimbi ohloniphekile, […]