19 August, 2026

News

1 min read

INKAMPANI ENKULU YEZOKUHWEBELANA EYAZIWA NGE-NTT AND RNK KUSE INGEKHO (IBHANOYI LINDIZILE)

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Bakhala bezithulisa abahwebi bakwaRNKB emveni kwemibiko eshaqishayo yokundiza leBhanoyi ebeselizenzela igama elikhulu ngokushintsha izimpilo zabantu. Iningi labo basebeshiye phansi umlungu ngesiqibulo esithi “YINJ’ UMLUNGU”. Kubukeka bezothintitha izicelo zemsebenzi bayongqongqoza njengoba bathenjiswa kuqala kwalenyanga ukuba bazokwazi ukukhipha izimali zabo ebesezivaleleke isikhashana kungawithdroweki, bethenjiswa umhlaka 30 July 2026. Namhlanje kuse kumhlophe omakhala ekhukhwini kungasekho […]

1 min read

BEKUGCWELE, UMPHAKATHI UBULALA INYOKA ENKANDLA KUZOVULWA AMAHHOVIZI AWOSOMABHIZINISI ABANCANE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Umphakathi waseNkandla namaphethelo ubuphume ngobuningi bawo ngesikhathi uMnumzane uMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ehambisana no-MEC uMhlonishwa uM. Meyer bezovula ngokusemthethweni amaHhovisi la umphakathi uzozithuthukisa khona kwezamabhizinisi asafufusa. uMhlonishwa u-MEC weZomsebenzi nAmasiko ukuqinisekisile ukuthi umphakathi uzihlomulele ngamahhovisi amangaka emveni kokusebenza kanzima kwengxenye kuhulumeni ukubalekelela ukwakhiweni kwawo. Lokhu okuvele ezoba usizo kakhulu, bheka ngoba […]

1 min read

Ukhwele wadilika uNgqongqoshe kugqoza isakhiwo sesikole

Intatheli: Norma Duma Ungqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMartin Meyer ukhwele wadilika ngokugqoza nokuhamba kancane kwesakhiwo sesikole eWaterloo eThekwini kuWard 106. Lesi sikole samabanga aphansi saqalwa ukwakhiwa ngo-2023 kulindeleke ukuthi siphothulwe, kuphinde kuqalwe ukufunda ekupheleni kuka-August nonyaka. Ungqongqoshe uzwakalise okukhulu ukudumala ngesikhathi evakashele lesi sakhiwo ukuyohlola inqubekelaphambili, nakuyilapho uthole khona ukushaqeka ngakubonile, isikole iSibonginhlanhla Primary siseku-80% […]

1 min read

Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni

Intatheli: Norma Duma UNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelika “Phakelumthakathi”, ugasele nethimba lakhe eKing Dinizulu Park lapho sekuyikhaya labantu abahlala emigwaqweni nabaziwa njengama “phara”. Inhloso yalombidlango ukukhuculula leya ndawo, nokuhlinzeka ngezinsiza kubahlali. Ithimba lifike laqoqa imfucuza lashanyela kahle, nemoto yakwamashipala ethutha udoti ibithutha iphindelela izinkumbi zikadoti. Abanye babahlali bathole ukugudwa emakhanda njengengxenye yokuletha usizo. Amaphoyisa abeqaphile ukuthi […]

1 min read

Ungqongqoshe ulethe izindlela ezintsha zokusebenza ngobuchwepheshe

Intatheli: Norma Duma UNgqongqoshe weScience Technology and Innovation Prof Blade Nzimande uhambele indawo yase Ixopo kumMkhandlu I Harry Gwala. Njengoba uNgqongqoshe eshaya ibuya kulendawo, kwathi ngonyaka ka2023 ngesikhathi evakashele LoMkhandlu wathola umbiko ungemuhle ngalendawo, izakhamizi zikhakhala ngomgaqo ongemuhle osho ngezinguzunga zemigodi, kanti futhi lendawo idume kabi ngokwebiwa kwemfuyo. Iyona inhloso eyenze wabuya esephethe izixazululo kulezinkinga […]

1 min read

Ezinohlonze Media House Foundation Iqhakambise Uhlelo ‘Boys to Men’ E-Thornwood

Intatheli: Alex Hlabani I-Ezinohlonze Media House Foundation ibivakashele umhlangano wamadoda obubanjelwe e-Thornwood Hall, ngenhloso yokukhulisa abafana abancane kuze babe amadoda akusasa (phecelezi Boys to Men). Kulo mhlangano obuse-Thornwood, bekukhona ababambiqhaza (stakeholders) abaningi okubalwa kubo i-Lifeline, i-Sukuma Ndoda Sakhe, Umnyango Wezempilo (Department of Health), i-SAPS, i-Spiritual Crime Prevention, i-CPF, Umnyango Wezemfundo (Department of Education), kanye ne-Isithebe […]

1 min read

ILANGA LENGQEPHU

Kuseyisikhathi esincane kakhulu emhlabeni wezemfashini ukuthi igama lakho lihlonishwe phakathi kwamagagu amakhulu. Kodwa umklami osemcane ovela eKomani (Queenstown), u-Mbasa Ndongeni, uphonse inselelo enkulu embonini ngenkampani yakhe entsha eshiye abaningi bebambe ongezansi, i-Qhosha House Of Fashion. Ngeminyaka emibili kuphela isunguliwe, le nkampani ezinze enkabeni yedolobha isimise okwesikhondlakhondla, idlala ezingeni eliphezulu kakhulu ngokudlulisa imilayezo enamandla ngezingubo zomdabu […]

1 min read

AMAZULU FC ATHATHA ISICOCO SE-PREMIERS CUP 2026

Intatheli: Norma Duma Amalungu omphakathi ase-Clermont namaphethelo aphume ngobuningi ukuzithamela umlenze wokuqala womncintiswano we-Premiers Cup e-Sugar Ray Xulu Stadium. Amaqembu ebhola lezinyawo ase-KZN aphume ayolwela indebe. Kodwa-ke, ngaphezu kwendebe, umqhudelwano ubumayelana nokunika abadlali abasebancane inkundla kanye nokuhlanganisa abantu. Kusukela emidlalweni yamaqoqo ekuseni kuya kowamanqamu ngoMgqibelo e-Sugar Ray Xulu Stadium, abalandeli babemincile bedla izinzipho ngesikhathi amaqembu […]

1 min read

Mazisi Kunene Musiem

Intatheli Norma Duma Mazisi Kunene Museum eseThekwini, KwaZulu-Natal, ihlonipha imbongi yokuqala yaseNingizimu Afrika eyahlomula futhi emelene nobandlululo, uSolwazi Mazisi Kunene. Amaphuzu avelele ahlanganisa ikhaya lakhe langaphambili laseGlenwood, imibhalo yesandla yesiZulu ebhalwe ngesandla engaphezu kuka-10,000, kanye nesikhungo sezinsiza zomphakathi. Lo mtapo wokungcinwa kwama gugu wasungulwa ngo-2007 yiMazisi Kunene Foundation nomkakhe, uMathabo KuneneAmahora: NgoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, 10:00 […]

1 min read

OWE-ANC BAMBIZE NGESPAYI WADUBA IQEMBU WAJOYINA I-DA NOMNGANE WAKHE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Ama-Cllr AMABILI uDavide Ngubane noCllr Marco Mbambo ebebengamakhansela esiyingi sasethekwini ngaphansi kweqembu elibusayo iANC bashiye phansi leliqembu emveni kokuthi uCllr Ngubane bembize ngeSpayi seDA. Umngane wakhe okuvele ukuthi bangabangane kwakudala naye uvele washiya phansi isihlalo sobukhansela walandela umngane wakhe. Ngijoyine iDA ngoba bangibiza ngeSpayi seDA okuyiqembu engingakaze ngilithande kuchaza uNgubane. Umngane wami […]