19 October, 2026

News

1 min read

UBUMNANDI BUPHENDUKE IZONYEMBEZI.

Intatheli: uMsawenkosi Mpofana Ukukhala, ukuzisola, ukubalisa bekulokhu kuphindaphindwa njalo ngowesifazane oshonelwe ingane yakhe esematshwaleni. Owesifazane bekhale ngokunomunyu lapho ethola ukuthi indodana yakhe uThandeka Mthethwa(2) ushiswe ngamanzi abilayo washona. Kwenzeka lesenzo nje unina uPhindile Khanyile usendaweni yokucima ukoma , lowesifazane olinganiselwa kuminyaka eko 40 kubikwa ukuthi uyazifela ngezinkambi zikaFaro.Umakhelwane wakhe uNkz Nobuhle Dinga uthi wezwa ngesililo […]

1 min read

IMarch and March isinqumele uMasipala weTheku ugwayi katiki

Intatheli: Norma Duma Isimo besishubile ngesikhathi inhlangano yeMarch and March igcwala izitaladi imasha, lemashi iqale lapha e-King Dinizulu Park, ilibangise emahovisi akwa Home Affairs ku Moore Road e-Thekwini 10 September 2026. Umholi weMarch and March u Nksz Jacinta Ngobese Zuma ubehola lemashi, okunhloso yayo ukuthola izimpendulo kuMasipala wese-Thekwini ngodaba labokufika abaqhike lapha ngaphandle kwase Home […]

1 min read

UNgqongqoshe Khawula Wamukela Ukumenyezelwa Kwenkudla Yase-Curries Fountain Njengendawo Yamagugu Esifundazweni

Intatheli: Nomthandazo Magoso EThekwini mhlaka, 9 September 2026, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMhlonishwa uMntomuhle Khawula wamukele ngenjabulo enkulu ukumenyezelwa kweNkundla yezemidlalo yase-Curries Fountain eThekwini njengendawo yamagugu esifundazweni ngokomthetho we-KwaZulu-Natal kanye ne-Amafa and Research Institute. Lokhu kumenyezelwe yi-Amafa and Research Institute ukuqinisekisa ngokusemthethweni ukuthi i-Curries Fountain iyindawo enokubaluleka okukhethekile kwezomlando, amasiko kanye nenhlalo kubantu ba-KwaZulu-Natal nakubant […]

1 min read

Ama-Comets Anqobe i-Murray Cup Ka-2026

Intatheli: Nomthandazo Magoso eThekwini- Iqembu lebhola lomboxo (Ruby) FNB Emeris Comets lenze umlando ngesonto eledlule ngesikhathi linqoba okokuqala indebe ye-Castle Lager Murray Cup ka-2026 ngemuva kokushaya i-UKZN Durban ngo 55-12 enkundleni yase Mancosa Crusaders. Umdlalo wawudlalwa esimweni esinzima semvula nodaka, kodwa ama-Comets akhombise amandla amakhulu. Bawuvule umdlalo kahle ngemizamo kaDeano Boesak, uDenilo Jordaan noDaniel Ikotela, […]

1 min read

IBHODI LE-IDFC LIHLOLE IZAKHIWO ZASETHEKWINI

Nomthandazo Magoso USihlalo weBhodi labaQondisi be-Ithala Development Finance Corporation (IDFC), uMnu. Khayo E. Mpungose, mhlaka 7 September 2026 uhole ithimba lamalunga eBhodi ekuhloleni izakhiwo eziphethwe yi-IDFC eThekwini nasezindaweni ezizungezile. Lelithimba lihlole izakhiwo futhi laxhumana nabaqashi beFlamingo Park ese-Umngeni Business Park.llaqhubekela KwaMashu Shopping Centre ukuyohlola inqubekelaphambili yokwakha eqhubekayo kulandela umonakalo owabangelwa yisiphithiphithi sikaJulayi 2021. Ithimba liphinde […]

1 min read

Izinkulungwane zezintombi zitheleke eMkhosini womhlanga

Intatheli: Norma Duma Izinkulungwane zezintombi eziphuma kwizifundazwe ezahlukene, kanye nase Swaziland namanye amazwe ziphume ngobuningi ukuzothamela uMkhosi womhlanga esigodlweni sase-Mashobeni oPhongolo. Kuqopheke umlando kumkhosi womhlanga wonyaka ka 2026 ngesikhathi izinyane le Silo Misizulu ka Zwelithini u Simezwini Tensindiso evulela izintombi umkhosi womhlanga,kuthe kushaya ihora lesishangalombili (8) I Nkosazane ibisihambise umhlanga esigodlweni, lokho kwenze ukuthi kusheshe […]

1 min read

I-NACOL yethula I-Manifesto yango-2026 Ngaphambi Kokhetho lohulumeni basekhaya

Intatheli Norma Duma Zonke izindlela ziholela kumhla 4 November 2026, okuwusuku olukhulu lokhetho lohulumeni basekhaya, futhi amaqembu ezepolitiki ahlukene aseqalile ukwenza ukuba khona kwawo kuzwakale emphakathini wonke. I-National Community Liberation (NACOL) yethule iManifesto yayo yokuqala yokhetho luka-2026 kuMasipala INkosi Mtubatuba, eHholo lomphakathi lase-Nordale, ngoMgqibelo, 5 Septhemba 2026. Leli qembu lasungulwa ngo-2023 Ngu Mnuz Muzi Hlophe […]

1 min read

UMasiipala weTheku usuthathe izinyathelo kwelama Maphoyisa Omkhandlu

Intatheli Norma Duma Ngomhlaka 2, September 2026 uMasipala wase-Thekwini ubize isithangami sabezindaba, ukuzobhunga ngodaba olusematheni lokuqashwa kwamaphoyisa akaMasipala. Kuvumbuke izinsolo zomkhonyovu nokwenzelela ekuqashweni kwamaphoyisa kaMasipala.IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbele, ubize isithangami sabezindaba ukuze acacisele amalungu abezindaba kanye nomphakathi ngezinyathelo ezithathwe yiDolobha zokubhekana nezinsolo zokuqokwa ngendlela engafanele emaphoyiseni kaMasipala. IMenenja yeDolobha ikuqinisekisile ukuthi kunemibiko emibili […]

1 min read

Kubungazwe abantu besifazane abakhulisa abantwana ngabodwa kanye nomama babantwana abaphila nokukhubazeka

Intatheli: Brenda Gumede I-Female Liberators Training and Skills Development Center okuyinhlangano esiza abesifazane abaphila ngabodwana abanganalo usizo lobaba isungulwe ngonyaka ophelile kuMfumfu (2025)isungulwa uAnele Ngubo kanye nabasizi bakhe abangamashumi amabili nambili, ibungaze abesifazane abakhulisa abantwana ngabodwa yaphinde yagqugquzela omama babantwana abaphila nokukhubazeka ukuthi ababodwa njengoba bekuveze loku njengomsebenzi ongelula ukunikeza uthando kulabantwana. Lomcimbi ubuhlelwe eMlazi […]

1 min read

Okushaqisayo kwi-nhlangano yoMkhonto weSizwe

Ezinohlonze U-Mayoral Candidate Zandile Mkhwanazi kanye noSBonelo Maphumulo ongusihlalo we-PTT, umthombo othembekile upotshozele intatheli ye Ezinohlonze Media Group ukuthi uNobhala we-MK Party usevele wabamisa lababaholi ukuba kube nemisebenzi abayenzayo kwi-MKP. Kanti kuthi kunamazwi esilungu awakhulumile esho kanje; uzobe usuzihlaziyelake ukuthi lesisilungu sisho ukuthini. “YOU’VE BEEN RELEASED FROM ALL YOUR DUTIES” ngiyathemba ukuthi lesisilungu siyacaca. Kuthiwa […]