Kungqashuke amaketanga obudlelwano neMarch And March
Intatheli: Norma Duma Inkampani yabameli evelele, ye-March and March eseGoli, isiphumele obala ekucaciseni isikhundla sayo kulandela ukuphawula kwakamuva komphakathi okuyixhumanisa nalowo owayengumsakazi kuKhozi FM, uNgizwe Mchunu. Ubuholi balenhlangano bunqamule ubudlelwano noMchunu ngenxa yezinsolo zokugxambukela kwezombusazwe ngaphandle, ukugwazisa, kanye nemizamo yokudicilela phansi inhlangano ngaphakathi. Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, inkampani yabameli ithe uMnuz Mchunu akayena umqondisi noma umnikazi […]
