18 October, 2026

News

1 min read

AMEHLO AGCWALE IZINYEMBEZI ZENJABULO OWOKHOLO ETHOLA ESIPHO ESESITEJI.

Intatheli. Musawenkosi Mpofana Kubukeka izinga labaculi emzansi likhuphuka ngamandla ukunakekelwa nokwelekelelwa izinkampani ezizimele kanye nemindeni yabo. Omculi wokholo owaziwayo uMelusi Mbokazi uzihlomulele ngesipho sesithombe esinobuso bakhe ngomgqibelo lo esibuya kuwona, sivela kusinqanda mathe sakhe uNkosikazi N Mbokazi eseSteji. Indlu ibinyakaza ecula ingoma yakhe azenzela ngayo udumo ethi “AZophela Amaqhinga” okuyilapho ingoma ithe nqamuka uNkosikazi wakhe […]

1 min read

Abasebenzi bakwa Mandlethu Projects baqhwashiswe nge Metal Health

Intatheli Norma Duma IMandlethu Media iqoqe bonke abasebenzi baka Mandlethu Projects e-Stable Theater ngomsombuluko 7, September 2026. Inhloso yalomcimbi ukuqwashisa abasebenzi ngokubaluleka kwe metal health. UNks Fundi Mahaye okunguyena owafikelwa ilomubono wokuthi kube nosuku lapho abasebenzi bezocijiswa ngokubaluleka kwe metal health. Uthe ziningi izimo ezibuhlungu abasebenzi abadlula kuzo emakhaya nase msebenzini, kungekudala nje nathi lana […]

2 mins read

UMAKHALA EKHUKHWINI ANGAKUBULALA KANTI FUTHI ANGAKUPHILISA

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Umphakathi waseMlazi endaweni yakwaV ku-Ward 80 uzihlomulele ulwazi nokucijwa ngokubaluleka kokusetshenziswa komakhala ekhukhwini ngendlela yesimanje (Technology). Lomhlangano ubuhanjelwe izinhlaka ezahlukene kubalwa System Audit And Control Associatkon i(SACA), South African Division Icon of Communication Organization (SADICO), COMIRIC, Council for Scientific and Industrial Research (CSIR) neCyber security. Bakhulume nomphakathi ngokudedelana beveza uhlelo lwabo ukuthi […]

1 min read

Indumezulu yekhonsathi yokuvala inyanga yabesimame

Intatheli: Brenda Gumede I-Female Liberators Training and Skills Development Center okuyinhlangano esiza abesifazane abaphila ngabodwana abanganalo usizo lobaba isungulwe ngonyaka ophelile kuMfumfu (2025) isungulwa uAnele Ngubo kanye nabasizi bakhe abangamashumi amabili nambili, ibungaze abesifazane abakhulisa abantwana ngabodwa yaphinde yagqugquzela omama babantwana abaphila nokukhubazeka ukuthi ababodwa njengoba bekuveze loku njengomsebenzi ongelula ukunikeza uthando kulabantwana. Lomcimbi ubuhlelwe […]

1 min read

Uphelezelwe ngesizotha nenhlonipho uGogo Thoko Majola

Intatheli: Sbusiso Mkhize Abnantu abawuvali umlomo ngabakufithe enkonzweni yokugcina kuphelezelwa uGogo Thokozani Majola. Impela kuliqiniso ukuthi umuntu ungamehluleli ngaloko okubona kulingene amehlo nengqondo yakho, ngoba uNkulunkulu akabhekinjengoba abantu bebuka. Kumangazile ukuzwa abefundisi abahlukahlekene beveza umuzwa ofanayo ngoGogo Thoko. Intatheli ye Ezinohlonze icaphune uMbhishobhi uNgcongo webandla le Izenzo ZamaPhilip ebaka kanje: UGogo Thoko ngizokhuluma ngesibindi ngoba […]

1 min read

I-Cebolethu Crown Gospel Awards imemezela usuku lwemiklomelo kanye nokuvalwa komsebenzi wokuqoka

Intatheli: Thobeka Khumalo Bekunesidlo sasekuseni nakuyilapho bekubungazwa khona bonke abake bahlomula kwi Cebolethu Crown Gospel Awards. Lokhu kuvezwe ngu Bishop Nkambule ehambisana ne Cebolethu, bememezela usuku lwama awards nokungumhlaka 15 November 2026 khona la eThekwini. UBishop uphinde wagqugquzela bonke abanezifiso zokufaka izicelo zokungenela ama awards, noma abafisa ukuqoka labo baculi abayimfivilithi, ukuthi baphuthume ngoba kuyavalwa […]

2 mins read

UWillie Mtolo – Kusukela ekuhlukanisweni kwezemidlalo kuya ekubeni ingwazi ethola i-Green Jacket ehloniphekile

Intatheli Norma Duma Igama lika William Bhekizizwe Mtolo alidingi chaza eliningi emhlabeni we-athletics eNingizimu Afrika. Ungomunye wabasubathi abakhulu kakhulu esake saba nabo, indoda eyayijima ngenhliziyo enkulu ngenkathi izwe lisavaliwe emhlabeni. UWillie Mtolo wazalwa ngo May 5, 1964. Waziwa njengomncintisani we-marathon owayedume kakhulu, owake wawina i-New York Marathon futhi waba ngowesibili kabili ku-Comrades Marathon. Impilo yakhe […]

1 min read

Uzwakalisa ukungeneliseki ngo COGTA

Umbhali: Nobuhle Dube Oyintatheli ye Ezinohlonze Media Group exoxisana noMnumzane Mthethwa uzwakalise amazwi angemnandi neze ngokusebenza kuka-COGTA, kodwa ubeke kanje: Mina nginguSphiwe wakwaMthethwa. Sinesikhalo ngo-COGTA okhona manje, esingasinakile mayelana nobukhosi bakwaMthethwa. Lokhu kusixaka kakhulu njengamanje, ngoba baningi abazibiza ngokuthi bangamakhosi akwaMthethwa, ekubeni bengawulandelanga umlando wasekhaya. Indlu ebihlezi esihlalweni sobukhosi ibiyazi kahle indaba yokuthi ihlezi esihlalweni […]

1 min read

I ACTION SA IMEMEZELA EZOFOLOSA NGAYE KWESOBU-MEYA

Intatheli: Norma Duma I-ActionSA yethule ngokusemthethweni abazongenela amakhansela ezigceme futhi yamemezela uSipho Zungu njengozongenela isikhundla sokuba yiMeya kuMasipala wendawo KwaDukuza ngaphambi kokhetho loHulumeni masekhaya. Ukwembulwa kwagqamisa ukuzibophezela kwe-ActionSA ekuletheni ubuholi obuthembekile, obuziphendulela kanye nobuqhutshwa yinkonzo kubantu baKwaDukuza. Ngihlonipheke kakhulu ngokuqokwa njengelungu leMeya ye-ActionSA KwaDukuza, futhi ngiyabonga ngokuzethemba ubuholi beqembu namalungu akubeke kimi. Ngiwamukela lo mthwalo […]