18 October, 2026

News

1 min read

UDladla usola ukudideka kwabadlali ngokushaywa kwe-Arrows

Intatheli: Sthembiso Ngobese UBONA bedidwe yimithetho yomqhudelwano weMTN 8 abadlali bakhe, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uPitso Dladla ngemuva kokuba bekhishwe kulo mqhudelwano yiMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili wamaSemi-final obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngempelasonto. Emdlalweni wangempelasonto iSundowns inqobe ngo 3-2 wamagoli ashaywe nguCassius Mailula, uMarcelo Allende no-Antonio Van Wyk. Kanti awe-Arrows wona abekwe enethini nguJunior Dion […]

1 min read

IKABAWO PERFORMING ARTS ACADEMY IZOBHUNGA AMAGUGU NGOMKHAKHA OMKHULU WESHASHALAZI YENTSHA

Intatheli: Norma Duma Durban I-Ikabawo Performing Arts Academy, okuyisikole sesimanje esineminyaka engaphezu kweshumi sithuthukisa amathalente, sikhiqiza umculo futhi sithuthukisa ezobuciko beshashalazi, izogubha i-Heritage Month ngendlela ekhethekile kulo nyaka. Lesi sikole esihlonishwayo sesikhiphe amathalente amaningi avele adume umhlaba wonke, futhi sisebenze kakhulu namaqembu eshashalazi asemalokishini, amaqembu omdanso kanye nabaculi kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Njengxenye yokugubha impumelelo […]

1 min read

KUMILE NSE UKUFUNDA NOKUFUNDISA EMLAZI TVET UMBHIDLANGO WABAFUNDI

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Kume nse ukufunda nokufundisa ngoLwesihlanu ekuseni, kuvalwe amasango eMlazi cCoastal College, izingane zagaleleke nababhodi ezandleni ziletha izikhalazo zazo. Kumile ukufunda eMlazi TVET, oThisha baqhinqe ngaphandle kanye nezingane, kubangwa indaba yomsebenzi wokulungiselela ukuyothweswa kweziqu. Uzokhumbula ukuthi kulezikhungo eziqeqeshela amakhono phecelezi amaTVET, ngaphambi kokuthi uthweswe iziqu, umfundi kumele ayokwenza uqeqesho endaweni yokusebenzela (practicals), ezinkampanini […]

1 min read

IMOTO BEZINTANTA EMANZINI KWINKABA YETHEKU.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Abantu eThekwin bebekhala ubumayemaye kuvimbanise emanzi emgwaqeni omkhulukazi u Anton Lembede owaziwa ngo Smith street. Kuqhume iPayipipi elikhulu elidabula lomgwaqo laphazamisa ukuhamba kwezimoto ezehlayo zibheke emakethe. Uma sisondela kwababeseduze kwenzeka bathi kuvele kwanokuduma okukhulu okuvale izindlebe, kuthe kungazelele kwaqhuma isiphethu samanzi esivalweni sesitamkoko savimbanisa umgwaqo. Lesibhedu senzeka ezintanta kuzokusa kube ulesihlanu mhlaka […]

2 mins read

Kubungazwe Umntwana wakwa Phindangene.

Intatheli: Norma Duma Siphume ngobuningi baso isizwe emgubhweni wokukhumbula nokuqhakambisa impilo nengqalasizinda eyashiywa uMntwana wakwaPhindangene, uNkosi Mangosuthu Buthelezi. Lomcimbi uhlelwe ngenhloso yokubungaza impilo nomsebenzi wako Mntwana njengoba kubungazwa usuku lwakhe lokuzalwa. Usuku luhambisane namazwi okuncoma nemifanekiso emikhulu yengqalasizinda ayishiya phansi. UMeya weSifunda iZululand, uKhansela Khumalo, uthe bayamkhumbula kakhulu uMntwana ngamagalelo akhe ekwakheni isizwe sakwaZulu. Ngasohlangothini […]

3 mins read

Oqokelwe isikhundla sika Meya uthe ucela iqembu limuxoshe.

Intatheli: Norma Duma Inkulumo elandelayo yethulwe yilowo oqokelwe ukuba iMeya ye-DA e-uMngeni, uChris Pappas, ngesikhathi kwethulwa i-DA uMngeni 2026 Manifesto. “Namuhla imayelana nekusasa. Kodwa ngaphambi kokuba sikhulume ngokuthi siyaphi, kufanele sikhumbule ukuthi sivelaphi. Eminyakeni emihlanu edlule, sasukuma phambi kwabantu base-uMngeni sacela ukuba usinikeze leli ithuba. Sacela ukuthi nikholelwe ukuthi ushintsho lungenzeka,” kusho uPappas. UPappas uqhube […]

1 min read

I-Mellins Private Wealth Iqala Ukwelula Izimpiko Zayo eKZN

Inkampani yezimali nengcebo eyasungulelwa eGoli, i-Mellins Private Wealth, isiqalile umkhankaso wokwandisa izinkonzo zayo esifundazweni sa KwaZulu-Natal (KZN). Le nkampani isiqinisekise ukuthi izovula amahhovisi ayo ngokugcwele eKZN kulo nyaka. Kumanje i-Mellins Private Wealth inxusa bonke odokotela bakulesi sifundazwe ukuba bathathe umshwalense oklanyelwe ochwepheshe kuphela, i-PPS (Professional Provident Society), ukuze bavikele izimali nomsebenzi wabo. Amalungelo Nabantu Abathintekayo: […]

1 min read

2nd Anual KZN Athletics Awards

Intatheli Norma Duma E-Coastlands Musgrave Hotel eThekwini 29 August 2026 , i-KZN Athletics ibisingathe umcimbi wayo wesibili wonyaka wemiklomelo, i-2nd Annual Awards, ukuhlonipha nokubungaza abadlali, abaqeqeshi kanye namakilabhu asebenze kanzima ephakamisa ifulegi lesifundazwe sa KwaZulu-Natali nelaseNingizimu Afrika jikelele. Kuhlonishwe amaqhawe kanye namaqhawekazi kumdlalo wokugijima. Labasubathi abavelele, babongwe ngezindondo kanye nomkomelo ongu R5000 umuntu ngamunye, ukubonga […]

2 mins read

IMIKLOMELO YE-MZANSI COMMUNITY MEDIA AND CREATIVE AWARDS 2026: KUHLONISHWA AMAZWI AKHA IMIPHAKATHI YETHU

Intatheli: uNorma Duma Umlando ubhaliwe eMzansi ngempelasonto yamhlaka 30 Agasti 2026 eLadyfair Theatre, njengoba kuhlangane izintatheli, abasakazi, abethuli, abahleli, abashicileli kanye nabadali bokuqukethwe kwedijithali emcimbini wokuqala ngqa we-Mzansi Community Media and Creative Awards 2026. Lo mcimbi obusezingeni eliphezulu, obubanjwe mhlaka 30 Agasti 2026, ubuhloselwe ukuhlonipha nokugqamisa amaqhawe angemuva kwezindaba—labo abasebenzisa izinkundla zabo ukwazisa, ukufundisa, ukujabulisa […]

2 mins read

U-Ouaddou uncoma abadlali abasha beOrlando Pirates

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Adeslam Ouaddou, uthi uhlabeke umxhwele ngebhola elinenkosi phakathi elikhonjiswe ngabadlali bakhe abasha abasanda kujoyina eZimnyama kusizini ka-2026/27. U-Ouaddou odabuka eMorocco, ukusho lokhu ngemuva kokuba iPirates izibekisele indawo emdlalweni wamanqamu womqhudelwano weMTN 8. Kanti leli qembu lase-Orlando likwenze lokhu ngokuguqisa emdlalweni wamaSemi-final iSekhukhune United ngo 3-0 e-Orlando Sports Arena, eSoweto, […]