18 October, 2026

News

1 min read

Ukubeke kwacaca ukuthi yini ayizele emhlanganweni wokwethulwa kwe-PR Councillor endaweni yase-Ward 14.

Intatheli: Sbusiso Mkhize U-PR Councillor Thando Xulu ubeke kanje: “Kumele senze kahle, njengoba ikhansela ebelikhona lisulile esikhundleni.” Uthe bona, njengomkhandlu, bazoqhubeka nokuhle obekade kwenziwa ikhansela ebelikhona. Wase eyakuveza ukuthi abantu akusikona ukuthi bayawuzonda u-ANC, kodwa kungenxa yemisebenzi eyenziwayo engalungile. Kanti ukuvezile ukuthi amakhansela kade ekhona, amanye awo abesebenzisa izinsiza-kusebenza zomkhandlu ukucebisa abangani, izihlobo, kanye nezintombi […]

1 min read

Uzichithile izinsolo zokungawumemi umndeni wakhe owomculo wokholo obegcagcelwa

NguIntatheli: Brenda Gumede UAyanda Ntanzi Uphike Izinsolo Zokungazwani Nomndeni Wakhe Umculi wokholo odume kakhulu ngomcimbi wakhe omkhulukazi eThekwini i-One Man Show, uAyanda Ntanzi, uziphikile izinsolo zokungathelelani amanzi nomndeni wakhe okwenze waba undabamlonyeni emva kokugcagcelwa uMaZungu ngempelasonto mhlaka-22 kuNcwaba. UNtanzi uthi: “Ngiyingane kaBhekephi Hilder Ntanzi ongasekho, wendlu kaMapetshisi noMaThusi, nabo bobabili abangasekho. Umama wangishiya ezandleni ezinothando […]

1 min read

Enkulukazi Gigantic Training and Sourcing yethule indumezulu yomcimbi wezinsuku ezimbili Emlazi esigcemeni sakwa E.

Intatheli: Brenda Gumede Lo mcimbi uqale mhla ziyishumi nanye kuNcwaba waphothulwa mhla ziyishumi nambili (11-12 August), ububanjwelwe e-Christian Assemblies Church, eMlazi kwa-E. Ubunikeza amandla abesifazane “Esigcakini” samadodakazi ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukucabanga Kahle, Ukuphila Kahle” (Thinking well is to live better). Inhloso yalo mcimbi bekuwukunikeza abantwana bantombazane amathuluzi okubacijisa kahle ukuze baphile kahle. Usuku lokuqala lube […]

1 min read

KUMPHAKATHI UQEQESHWA. NGOKUGUQUKA KWESIMO SEZULU

NguMusawenkosi Mpofana (Intatheli) Ziningi izindawo ezweni ezakhiwa kabusha ngenxa yezehlakalo ezibangelwa ukuguquka kwezimo zezulu. Kubikwa umonakalo omkhulu lapho kubalwa ukuguguleka kwezindlu amanzi, ukusha kwemizi nezimpahla okwenziwa umlilo. Ububi obukhulu ngenhlekelele ukulahlekelwa imiphefumulo nezinsiza-kuphila ezinjengomazisi nezitifikethi. Akukho namunye othandayo uma kwehle isehlakalo senhlekelele endaweni, kodwa umphakathi ngokubambisana nohulumeni awukwazi ukuyekelela ungenzi mizamo ukwelekelela labo abavelelwe. Okulindeleke […]

1 min read

UTHEMBISA LUKHULU UMSUBATHI EYOMELA I-KZN EGOLI.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Kwazise ukuqhama kwendawo ngomgalelo elenziwe ngasebemkantsh’ubomvu kulelo khono nakuleso sigaba. Kodwa sibona umhlola la kosa hluka okaVundla, umntwana oseqoqe izindondo namamedali amaningi okugijima emijahweni ehlelelwe iTheku namaphethelo. Uvelela kwimijaho emikhulu yaseThekwini nje, uqale wagasela ezikoleni nasendaweni ayakhele abashaya emakhanda bonke kumabanga asheshayo, kubalwa o-400m, 1500m, 5000m no-10 000m. Umsubathi usemncane oneminyaka eyishumi […]

1 min read

Kubuye ithemba kwizisulu zezikhukhula

Intatheli: Norma Duma Umphakathi wakwaNongoma uyibone ngamehlo intuthuko ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu (COGTA), uThulasizwe Buthelezi, evula izindlu ezilishumi (10) emindenini eyakhahlamezwa izikhukhula ngonyaka ophelile. Lemi ndeni eyishumi yakhelwe izindlu ezibuyisa isithunzi somuntu, njengoba yalinyalelwa amakhaya ayo ngezikhukhula zika-2025. Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu ube usungenelela, wasebenzisana nomnyango wezezinhlekelele kanye namakhosi nezinduna zendawo ukuze […]

1 min read

UMPHAKATHI WASEMLAZI KA-V, WARD 80.UKHALA NGENDLE EGINQIKA OBALA

NguMusawenkosi Mpofana Uwotha ubovu umphakathi waseMlazi ka-V ngenxa yamapayipi ahambisa indle aqhumile, lapho indle iziginqikela obala. Kuyashaqisa ukubona abahlali nezingane bephila ngaphansi kwesimo esinje, lapho ingqalasizinda ixegaxenga ngalolu hlobo oseluphenduke isigayigayi sokubeka izimpilo zabahlali engcupheni yokungenwa izifo kalula. Ezinohlonze zihambele umphakathi wakwa-V, sazithela kuzikhalazo zamalungu omphakathi acele ukuba amagama awo agodlwe ngenxa yokuvikela izimpilo zawo. […]

2 mins read

I-SAPWA ISINGATHA IMIKLOMELO YOKUQALA YAMINYAKA YONKE YE-POSITIVE WOMEN & GIRLS ETHEKWINI

Intatheli: Norma Duma Ubusuku bebubuhle abantu besifazane bengqoke benconsa ukuzithamela umcimbi wokuqala, ozoba khona minyaka yonke, wokubungaza abantu besifazane abaphila nesandulela-ngculazi (HIV/AIDS). Lona umcimbi ububanjelwe kwelinye lamagumbi ekubanjwa khona imihlangano kanye nezinkomfa eMoses Mabhida Stadium, uMasipala weTheku iwona oxhase lona umcimbi. Inhloso yalo mcimbi ukubungaza izishoshovu, amanxusa kanye nabantu abanoqobo behlaselwe izifo ezahlukene, nokubalwa isifo […]

2 mins read

I-MELLINS PRIVATE WEALTH YAKHA IKUSASA LEZEZIMALI NGOKUBAMBISANA NEZINKAMPANI EZIHLASELE PHAMBILI

Endaweni yezimali neyokulawulwa kwengcebo eNingizimu Afrika, indlela abantu amabhizinisi nemindeni abaphatha ngayo izimali zabo iyaziphendukela. Khona kusemqoka ukuthola abeluleki abanethenjwa nabanamava, inkampani i-Mellins Private Wealth iqhubeka nokuba ngelinye lamakhona amakhulu ahlinzeka ngezixazululo zezimali eziphelele neziqondene nomuntu ngamunye. I-ntatheli ye-Ezinohlonze Media Group ibe nethuba elimangalisayo lokuhlala phansi ixoxisane nomunye wabaholi nabaphathi abaphezulu benkampani i-Mellins Private Wealth, […]

1 min read

AMAPHOYISA NASEBENZISANA NAWO BAVAKASHELE ISIKOLE I-ST. FRANCES UKUYOQWASHISA NGEZINSELELO ZENTSHA

Intatheli: Alex Hlabani Ithimba lamaphoyisa aseMariannhill SAPS lithathe igxathu elibalulekile ekulweni nobugebengu nokunakekela intsha ngokuvakashela isikole iSt. Frances. Kulolu hambo, lamaphoyisa abambisene ngokuhlanganyela neYouth Desk, iSpiritual Crime Prevention, kanye neCommunity Policing Forum (CPF). Inhloso enkulu yalolu vakasho kwakuyikuyoqwashisa abafundi ngodaba olubucayi lweziyobisi, ubulungiswa ngezobuchwepheshe nokuhlukunyezwa ezinkundleni zokuxhumana (cyberbullying), kanye nokuhlukunyezwa ngokwescontext (sexual harassment) okuvame ukubhekana […]