18 October, 2026

News

1 min read

ILembe District Municipality limemezele umtelembelo wamahashi

Intatheli: Norma Duma UMasipala iLembe ahambisana ne Lembe Umtelebhelo Horse Racing Association bathule ngokusemthethweni umjaho womtelebhelo ozoba seNdwedwe entabeni yase Khenana. Lokhu kuvele ngesikhathi bebize isithangami sabezindaba e Relax Inn. USihlalo Wezemidlalo, uNksz Thandeka Khuzwayo ongu Secretary we ILembe Umtelebhelo Association, uthe amalungiselelo asemi ngomumo ngomjaho ozoba ngeSonto 16, August 2026. Kulonyaka bahlele ukuba nemijaho […]

1 min read

IThala libungaza abantu besifazane abaku construction

Intatheli: Norma Duma IThala Development Finance Corporation (IDFC) ibambe ingqungquthela yokucijisa abantu besifazane abase mkhakheni wezokwakha (contraction) e Ithala Trade Centre e-Thekwini ngenhloso yokubungaza abantu besifazane njengoba kuyinyanga yabo. IDFC ibone kuwumbono omuhle ukuthi yenze lebngqungquthela, nokuzocijisa abantu besifazane abakulomkhakha owaziwa kakhulu njengo mkhakha wabantu besilisa. Bebengaphezulu Kuka 100 abantu besifazane abaku construction abaphumile ukuzo […]

1 min read

Ukwethulwa kwezincwadi ezintathu zikaThabani Zungu

Kube yisuku elingalibaleki nesenzakalo esiyingqayizivele e-Pavilion Exclusive Books ngesikhathi umbhali ophumelele, uThabani Zungu (TA Zungu), ethula ngokusemthethweni izincwadi zakhe ezintathu ezintsha sikhathi sinye. Umcimbi ubuhlelelwe ngobunono obusezingeni eliphezulu kanti uhlanganise abathandi bezincwadi, abaholi bemiphakathi, nababambiqhaza abahlukene. Lomcimbi obunomdlandla omkhulu nezinselelo zengqondo, ubungenelele ngenjongo yokugubha amagalelo ababhali bendawo kanye nokubonga bonke abafake isandla ukuze lomsebenzi omkhulu […]

1 min read

Kuvuleka isahluko esisha ubumbano lwelizwe lwakhiwa ngomnyakazo we-Sizala Isizwe

Intatheli: Ngunobhala jikelele we-Ezinohlonze Media House uDr Dennis “Nzonzo” Ntombela Ukuzalwa kwelanga elisha nesahluko esisha sokwelapha amanxeba eminyaka ezweni lakithi. Ihlandla elisha lomzabalazo wokuhlanganisa abantu base-South Africa seliqalile, kulandela ukusungulwa kwenhlangano engahlangene nezombusazwe ebizwa nge-Sizala Isizwe. Le nhlangano, eyasungulwa ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) 2025 nguDkt. Taki Dube, inhloso yayo enkulu ukucekeceka imingcele yamadlozi, amasiko, izinkolo […]

1 min read

UHoosen uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize

Intatheli: Brenda Gumede Ozongenela isikhundla sokuba yiMeya yeTheku ngeDemocratic Alliance (DA), uHaniff Hoosen, uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize, kodwa kumele kube yisiqalo sokuthi umphakathi wase-Adams uthole ubulungiswa kanye nezidingongqangi ezifanele. UHoosen, ephelezelwa umholi we-DA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uvakashele umndeni wakwaZungu ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo kulandela ukushona kukaCelani, oshayiswe iloli elithwala amanzi ngoMsombuluko ekuseni. […]

1 min read

INKAMPANI ENKULU YEZOKUHWEBELANA EYAZIWA NGE-NTT AND RNK KUSE INGEKHO (IBHANOYI LINDIZILE)

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Bakhala bezithulisa abahwebi bakwaRNKB emveni kwemibiko eshaqishayo yokundiza leBhanoyi ebeselizenzela igama elikhulu ngokushintsha izimpilo zabantu. Iningi labo basebeshiye phansi umlungu ngesiqibulo esithi “YINJ’ UMLUNGU”. Kubukeka bezothintitha izicelo zemsebenzi bayongqongqoza njengoba bathenjiswa kuqala kwalenyanga ukuba bazokwazi ukukhipha izimali zabo ebesezivaleleke isikhashana kungawithdroweki, bethenjiswa umhlaka 30 July 2026. Namhlanje kuse kumhlophe omakhala ekhukhwini kungasekho […]

1 min read

BEKUGCWELE, UMPHAKATHI UBULALA INYOKA ENKANDLA KUZOVULWA AMAHHOVIZI AWOSOMABHIZINISI ABANCANE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Umphakathi waseNkandla namaphethelo ubuphume ngobuningi bawo ngesikhathi uMnumzane uMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli ehambisana no-MEC uMhlonishwa uM. Meyer bezovula ngokusemthethweni amaHhovisi la umphakathi uzozithuthukisa khona kwezamabhizinisi asafufusa. uMhlonishwa u-MEC weZomsebenzi nAmasiko ukuqinisekisile ukuthi umphakathi uzihlomulele ngamahhovisi amangaka emveni kokusebenza kanzima kwengxenye kuhulumeni ukubalekelela ukwakhiweni kwawo. Lokhu okuvele ezoba usizo kakhulu, bheka ngoba […]

1 min read

Ukhwele wadilika uNgqongqoshe kugqoza isakhiwo sesikole

Intatheli: Norma Duma Ungqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda uMartin Meyer ukhwele wadilika ngokugqoza nokuhamba kancane kwesakhiwo sesikole eWaterloo eThekwini kuWard 106. Lesi sikole samabanga aphansi saqalwa ukwakhiwa ngo-2023 kulindeleke ukuthi siphothulwe, kuphinde kuqalwe ukufunda ekupheleni kuka-August nonyaka. Ungqongqoshe uzwakalise okukhulu ukudumala ngesikhathi evakashele lesi sakhiwo ukuyohlola inqubekelaphambili, nakuyilapho uthole khona ukushaqeka ngakubonile, isikole iSibonginhlanhla Primary siseku-80% […]

1 min read

Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni

Intatheli: Norma Duma UNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelika “Phakelumthakathi”, ugasele nethimba lakhe eKing Dinizulu Park lapho sekuyikhaya labantu abahlala emigwaqweni nabaziwa njengama “phara”. Inhloso yalombidlango ukukhuculula leya ndawo, nokuhlinzeka ngezinsiza kubahlali. Ithimba lifike laqoqa imfucuza lashanyela kahle, nemoto yakwamashipala ethutha udoti ibithutha iphindelela izinkumbi zikadoti. Abanye babahlali bathole ukugudwa emakhanda njengengxenye yokuletha usizo. Amaphoyisa abeqaphile ukuthi […]