Ungqongqoshe ulethe izindlela ezintsha zokusebenza ngobuchwepheshe
Intatheli: Norma Duma UNgqongqoshe weScience Technology and Innovation Prof Blade Nzimande uhambele indawo yase Ixopo kumMkhandlu I Harry Gwala. Njengoba uNgqongqoshe eshaya ibuya kulendawo, kwathi ngonyaka ka2023 ngesikhathi evakashele LoMkhandlu wathola umbiko ungemuhle ngalendawo, izakhamizi zikhakhala ngomgaqo ongemuhle osho ngezinguzunga zemigodi, kanti futhi lendawo idume kabi ngokwebiwa kwemfuyo. Iyona inhloso eyenze wabuya esephethe izixazululo kulezinkinga […]
